
ZISAQHUBEKA izinhlelo zikahulumeni wesifundazwe zokuvikela abantu abathandana nobulili obufanayo, ingxenye enkulu yezinsiza izosetshenziswa emalokishini nasezindaweni zasemakhaya ngenxa yokuthi ziseziningi izigameko zokuhlaselwa nokubulawa kwabo khona.
Lokhu kuvele ngenkathi kuneLGBTQIA+ Symposium ebihlelwe iPublic Participation and Petitions Standing Committee yesiShayamthetho sesifundazwe muva nje. Kule ngqungquthela kubhungwe ngezindlela zokuvikela, ezokuthuthukisa, nezokufundisa umphakathi ngabantu abathandana nobulili obufanayo. Kwezinye zezinhlangano ebeziyingxenye yayo kubalwa iGay and Lesbian Network, Vuka Uzithathe Africa, Gay and Lesbian Alliance of South Africa kanye neHomoSavers. Izikhulumi zikhale nangokucwaswa kwabantu abathandana nobulili obufanayo, zithi lokhu kungesinye sezizathu ezenza ukuthi abantu abathandana nobulili obufanayo bengakhululeki.
UMnuz Nkosingiphile Mathenjwa usole izinkolo namasiko ngokucwaswa kwabantu abathandana nobulili obufanayo. Uthe kuyisifiso sabo ukuthi bamukelwe njengendlela abamukela ngayo abanye ngoba kuyilungelo lawo wonke umuntu ukuphila ngendlela azikhethela yona. UNks Khanyi Mkhize ukhale ngengalo yomthetho, wathi bonke abahlukumeza nababulala abantu abathandana nobulili obufanayo abajeziswa ngendlela efanele. Uthe kumele kwenziwe isifundo ngabo bonke abasabhekene nalamacala, wathi akekho umuntu ongazi ukuthi ukucwasa omunye kuyicala elibomvu. “Asizizwa siphephile, impilo yethu isengozini ngazikhathi zonke. Asikholwa ukuthi uhulumeni wenza okwanele ukusivikela. Zinyanga zonke kubikwa ngomuntu obulewe ngenxa yokuthandana nobulili obufanayo. Sifuna ukwazi ukuthi ikuphi okuzokwenziwa ukuvikela abathandana nobulili obufanayo,” kusho uMkhize.
UNks Nontembeko Boyce onguSomlomo wesiShayamthetho, uthe uhulumeni udinga usizo lwezakhamuzi kanye nezinhlangano zomphakathi ukuze kuzoba nokubambisana ekuvikeleni abathandana nobulili obufanayo. Uthe kumele bevikelwe emphakathini, bephinde bevikelwe nakudlame lwasekhaya ngoba bakhona nabahlukunyezwa abantu abathandana nabo. “Sifuna ukwakha umphakathi owamukela bonke abantu, kuvikelwe nabazizwa bengaphephile. Sifuna ukufundisa umphakathi ngokuthi akukho okubi ngokuthandana nobulili obufanayo. Ngaphezu kwalokho, kuyilungelo lawo wonke umuntu ukuzikhethela ukuthi uphila kanjani,” kusho uBoyce. UMnuz Sifiso Sonjica onguSihlalo wePublic Participation and Petitions Standing Committee, uthe baqoke ukwenza lokhu ngoba bakhathazekile ngokwenyuka kwezigameko zokubulawa kwabantu abathandana nobulili obufanayo kulesifundazwe. Uthe bangakujabulela ukwesekwa yizakhamuzi kukho konke abakuhlelele ukuqeda lesi sihlava.






