
SIBE sikhulu isililo emphakathini waseNdwedwe namaphethelo enyakatho yeTheku ngemuva kokutholakala kwezindaba zokudutshulwa kubulawe kobeyibamba loMphathi wesiteshi samaphoyisa sakulendawo.
Ngokombiko wamaphoyisa uLt Colonel Jabulani Ndawonde (56) udutshulwe wabulawa ngoMsombuluko owedlule ngaserenki yamatekisi eBhamshela ngezithuba zabo 6:30 ntambama, ehamba ngemoto okusolwa ukuthi bekungeyomsebenzi. Kuthiwa abantu abangaziwa abebegibele ngemuva elolini bavulele ngenhlamvu badabula bebhekise kuLt Colonel Ndawonde, washonela khona lapho endaweni yesehlakalo. Ephawula egameni lekomidi elibhekele intuthuko yomphakathi, iNdwedwe Development Committee, uSolwazi Archbishop TB Ngcobo, uthe, balimele kakhulu ngokudutshulwa komphathi steshi saseNdwedwe ubaba uLt Col Jabulani Ndawonde (56), omchaze njengephoyisa ebelizimisele ngokunqanda ubugebengu eNdwedwe. “Umuntu obukwazi nokumvusa kwakhe ebusuku asabele akuthumelele amaphoyisa, iphoyisa ebelikwazi nokufika lodwa ngakusasa lizobuza ukuthi ugcine usizakele yini, futhi ziningi izinhlelo ebesinazo siyi-CPF nokwakha iNdwedwe ephephile, umuntu obekwazi ukusebenza nomphakathi kungekho nelilodwa iphoyisa engacheme namuntu,” kusho uSolwazi Ngcobo.
Sakhala ngokusebenza kwamaphoyisa aseNdwedwe wathi kusukela manje anothinta mina uma ningalutholi usizo, nangempela wasebenza ngezwi lakhe sabamba eziningi izigebengu waphinde wasivulela amanye amacala ukuthi akaphenywe saqala nokusethemba isiteshi samaphoyisa,” kuqhuba uSol. Ngcobo. “Sibuhlungu sonke siwumphakathi waseNdwedwe, sicela uma kukhona onolwazi ngababulali athumele nakithi singamalunga omphakathi. Sifisa ukuthola amaphoyisa ayofana noNdawonde,” kuphetha uSol. Ngcobo. UNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha, ukuPhepha kanye nokuXhumanisa uMphakathi, uNkk Peggy Nkonyeni, usigxekile lesisehlakalo, wathi amaphoyisa kufanele aqinisekise ukuthi “ayazivikela” ezigebengwini. “Ukubulala iphoyisa noma likusiphi isigaba kuwukuhlasela umbuso futhi nokuhlasela umthetho. Ngaleyondlela alikho iphoyisa okufanele life libe linesibhamu esandleni, kodwa kufanele bazivikele ngendlela ehlukile. Ukusongelwa nokubekwa engcupheni kwempilo yamaphoyisa ngeke sikubekezelele, futhi sinxusa amaphoyisa ukuba azivikele ngayo yonke indlela uma ehlaselwa,” usho kanje emithonjeni yezindaba.






