UMPHAKATHI waseNsimbini ngaseFolweni ku-Ward 94 ehlanganisa noMakhutha ngaphansi kukaMasipala waseThekwini usishayele elikhulu ihlombe isinyathelo seqembu lezombusazwe i-African Freedom Revolution (AFR) sokulwa nokuquleka kwabantu ngenxa yendlala abasuke beye emtholampilo kulendawo engaphandle kwaseSiphingo.
I-AFR iqhamuke nohlelo lokunakekela abantu abasuke beze emtholampilo nabasuke beyofuna usizo oluthile esakhiweni sikahulumeni esiseNsimbini olubizwa ngokuthi yi-AFR Sinakekela Drive, okuwumkhankaso okuhlolwe ngawo ukulwa nendlela. Leli phephandaba lokhu likuthole ngesikhathi lihambele esakhiweni sikaHulumeni esiseNsimbini okukhona umtholampilo, isiteshi samaphoyisa kanye neNkantolo. Ngesikhathi lifika kulendawo lizithele phezu kwetende elimiswe esangweni lokungena ngaphakathi emagcekeni esakhiwo. UMnuz Msizeni Ntuli usikhwama esifundeni iTheku benoMnuz Nkosie Nzuza umgqugquzeli ezingeni lesifunda khona eThekwini benoNksz Zipho Mbambo unobhala leli phephandaba libafice bematasa benikeza abantu isobho nezinkwa.
Okuphawulekile ukuthi abantu phakathi kwabantu abebethola isobho bekungabantu abadala, kukhona nentsha okusho ukuthi bekungakhethwa, futhi kutholwa abantu abasuke bephuma ngaphakathi ikakhulukazi labo abasuke belande imishanguzo emtholampilo. Ngaphandle kwabalanda imishanguzo bekukhona nabanye abebeqhamuka nje emizini eyakhelene nale ndawo kanye nabasebenza ukuhlanza umgwaqo abathe loluhlelo oluqhamuke naleli qembu lube wusizo olukhulu ngoba kwesinye isikhathi abantu bafike ekuseni bezofuna isizo emnyangweni othile noma ekiliniki bengazange bakuthi mbibi ukudla. UNks Nomzamo Mhlongo ongowokuzalwa kulendawo ongomunye wabaficwe yileliphendaba ezomukela isobho uthe, bakubonga kakhulu ubuhlakani obuqhamuke ne-AFR bokucabangela abantu ngokuya ethunjini ukuze banqande indlala.
“Kuyaqala ngqa ukuthi kube neqembu lepolitiki eliqhamuka nalombono ngoba ajwayele ukufika aqhamuka ngoba esezosinxenxa ukuba siwavotele kodwa akakaze athumele amalungu awo ukungena umuzi nomuzi abone ukuthi abantu baphila ngaphansi kwaziphi izimo. Siyafisa ukuthi lokhu abakwenzayo baqhubeke nakho ngoba bayiqembu lokuqala la endaweni ukukwenza,”kusho uNks Mhlongo egcizelela iphuzu nephuzu. “Sengathi bangaqhubeka baqhamuke nezinye izindlelo ngoba baningi abantu abasuke beze iklikini belande amaphilisi abasuke bephuma emakhaya bengadlile, bathole ukusizakala kulelikhishi,”kuqhuba uNks Mhlongo. “USiyabonga Mabaso ongomunye obelande imishanguzo yakhe, uthe: “Lokhu ukubona kuyisu elihle leli elenziwa yi-AFR. Ngiyafisa ukuthi nabanye abantu babone ukubaluleka kokunakekelwa kwabantu”.
UNksz Zipho Mbambo unobhala wesifunda, uthe inhloso ngqangi yalolu hlelo lwabo iSiyanakekela, yingoba bazama ukulekelela umphakathi ikakhulu umphakathi walapha eNzimbini omama abasuke beze ekilikini, nezalukazi ezidla amaphilisi omfutho wegazi, ushukela nokunye ukuze basizakale. Uthe ngaphambi kokuba baqale lolu hlelo benze ucwaningo ukuthola ukuthi yiziphi izinsuku ezibhizi abantu abeza ngazo emtholampilo. Bathola ukuthi uMsombuluko noLwesithathu. “Sibe sesithatha isinqumo sokuthi sisebenzise lezo zinsuku. Okwesibili ukuthola ukuthi yikuphi abangakuthokozela okuzohambisana negazi labo abangayidla, sathola ukuthi isobho lamaveji yilona elihamba phambili,”kusho uNksz Mbambo. Ngokusho kukaNks Mbambo lolu hlelo wuhlelo abazoluqhuba nje futhi aluhlangene nomkhankaso njengoba kubhekwe okhethweni lwango-Okthoba, yize abantu bethi bayaluthokozela loluhlelo futhi banethemba lokuthi uma leli qembu lingathola ithuba lokuphatha iwadi kukhulu abangakuzuza.








