
YIZE uvakashelwe nguMengameli Cyril Ramaphosa emasontweni amathathu edlule, kulandela izikhukhula zakamuva, umndeni wakwaMkhize eClermont, entshonalanga yeThekwini, awukasitholi isinxephezelo sokungcwaba izithandwa zawo.
E-Clermont, isakhiwo sebandla i-United Methodist Church of Southern Africa (UCCSA) siwa ngesikhathi kuhlasele izimvula ezinamandla, okuholele ekutheni kushone amalungu amane omndeni wakwaMkhize nowakwaSokhela ayeqashe eduze kwaso. Kulesi sehlakalo kwashona uNhlanhla Mkhize (28, u-Olwethu Sokhela (12), uLuyanda Sokhela (16) kanye noLwazi Sokhela (14). UMnuz Ramaphosa wethembisa inhloko yekhaya, uMnuz Gerald Mkhize (68) ukuthi uzoluthola usizo ngokushesha ezinhlakeni zohulumeni basekhaya.
Kodwa sekudlule amasonto amathathu, eminye imindeni eyashonelwa yizihlobo ngenxa yezikhukhula ingakasitholi isinxephezelo ngemingcwabo. NgoLwesine olwedlule, uMkhize utshele abemithombo yezindaba ukuthi kudingeke ukuthi akhiphe imali ephakathi kuka-R20 000 no-R30 000 ngomngcwabo kanti nakuba ewathumele amaphepha akhe akazange anxeshezelwe. “Ngiphoxeke ngempela. Anginaso isiqiniseko sokuthi yini ethathe isikhathi eside kangaka ukusikhokhela, ngesikhathi befika lapha bebona okwenzekile. Ngenhlanhla, nganginayo imali ye- funeral policy eyangisiza. Ngidinga nemali yokwakha kabusha umuzi. Kunengcindezi enkulu,” kusho uMkhize.
Ikhansela laku-ward 22 eThekwini, uKhansela Mirriam Madlala, utshele abemithombo yezindaba ukuthi lixoxa ngodaba olufanayo nezikhulu zikamasipala ngoLwesine (olwedlule) ngoba imindeni eyashonelwa yizihlobo zayo eClermont ibingakasitholi isinxephezelo ngemingcwabo. UMengameli weNational Funeral Practitioners’ Association of SA (NafupaSA) uMnuz Muzi Hlengwa utshele abemithombo yezindaba ukuthi abashonelwe bahlala ezindaweni ezihlwempu futhi abanayo imali yokugibela ukuze kuphothulwe amaphepha adingekayo ukuze bathole isinxephezelo. UHlengwa uthe wonke umuntu uyazi ngoxhaso nesinxephezelo esikhona kulabo abahlukumezekile ezinhlekeleleni.
“Abanalutho noma akekho abangaphendukela kuye. Ngikuthola kunzima ukuqonda ukuthi kungani izikhulu zibaphoqa ukuthi basuke ezindaweni ezahlukene ukuze bathole izimpendulo abazidingayo. Wonke umuntu uzama ukubukeka emuhle kwabezindaba futhi agweme ukuzibophezela nokuqinisekisa ukuthi abantu bayangcwatshwa. Uma uhulumeni engakwazi ukusiza, singangena njengabangcwabi singcwabe laba bantu mahhala.” UHlengwa uthe iNafupa yalahlekelwa yimali ngesikhathi seCovid-19, nokuyinto ebikhathaza amabhizinisi amaningi. Uthe benze imingcwabo mahhala ngesikhathi sokuvalwa kweCovid-19 nangemva kwezibhelu zikaJulayi 2021. “Thina njengemboni singcwaba abantu, asiholi ngokungcwaba esikwenzile, imindeni ilindele inkokhelo engakatholakali. Kukhona okumelwe kwenziwe.
Kuyanxusa njengemboni ukuthi lawo makhansela agxambukela kulezi zinhlelo nalezo zikhulu ezifuna ukuhlomula ngokungafanele ngesihluku esisiphethe njengesifundazwe, kumele zihlehle ukuze sivumele ukungcwatshwa kuqhubeke. Abantu bafuna ukuqhubekela phambili bavale lesi sahluko,” kusho uHlengwa. Iphini likasihlalo weKZN Undertakers Forum kanye nekhansela le-ActionSA, u-Ahmed Paruk, uhambe emazwini kaHlengwa wanxusa izikhulu zikahulumeni ukuthi zikhiphe imali emindenini ukuze ikwazi ukuqhuba imingcwabo. “Eminye imindeni ilahlekelwe yikho konke. Abanakho ukudla noma amanzi noma uphahla phezu kwamakhanda abo futhi balwela ukusukuma, futhi manje bathwele kanzima ngezindleko zomngcwabo ezengeziwe. Angicabangi ukuthi lokhu kuwubulungiswa emphakathini.
“Nginovalo lokuthi uma lezi zidumbu zingabangwa bazongcwatshwa njengamahlwempu. Eminye imindeni iphumele obala yahlonza izihlobo zayo. Kufanele kube khona uzwelo olukhonjisiwe,” kusho uParuk. Okhulumela umasipala uMnuz Msawakhe Mayisela uthe bayaqala ukuzwa ngalolu daba. Uthe bazophenya ukuthi yini ebambe lolu hlelo bese bebheka ukuthi umndeni uwafakile yini amaphepha afanele. UMayisela uthe imindeni ibingakwazi ukukhetha ukuthi umhlomulo ukhokhelwe ngqo enkampanini yabangcwabi. Idolobha lithe umndeni ngamunye uzothola u-R15 000 wokusiza ngezindleko zokungcwaba ilungu ngalinye lomndeni oshonile, inqobo nje uma abangcwabi kuyinkampani ebhaliswe ngokusemthethweni futhi ethobela intela ne-akhawunti yasebhange yebhizinisi, incwadi evela ewadini. ikhansela elisho ukuthi lenze ucwaningo ukuze lithole isidingo sezimali futhi banawo amabhange kanye nomazisi abafanele.






