Amaphoyisa esifazane ahlole isimo emgwaqeni

0
102

Aphume ngobuningi amaphoyisa omgwaqo ukuhlola ukuthi abashayeli bayayithobela imithetho yomgwaqo

UKUGUBHA inyanga yabesifazane uNgqongqoshe womnyango wezokuThutha ukuPhepha kanye nokuXhumanisa uMphakathi uNkk Neliswa Peggy Nkonyeni babambe isivimba mgwaqo ukubheka ukuthi abashayeli bomgwaqo bayayilandela yini imithetho.

Lesivimba mgwaqo bekumiswa izimoto ezahlukene kubhekwa ukuthi kungabe abashayeli bayayilandela yini imithetho yomgwaqo kanye nemigomo yeCovid-19. UNkk Nkonyeni ujoyine amaphoyisa omgwaqo eMarianhill Toll Plaza ukuhlola zonke izimoto ebezidlula kulendawo ukuthi abashayeli bazo bayayithobela yini imithetho yomgwaqo. Kumiswe izimoto ezibalelwa ku-500, ezinye zazo kutholakale ukuthi azikho esimeni sokuba semgwaqeni, enye yabikwa ukuthi intshontshiwe ngonyaka ka-2015. Kubashayeli bamatekisi bebemiswa kubhekwa ukuthi kungabe bayayithobela yini imigomo yeCovid-19, okufana nokugqoka izifonyo. UNgqongqoshe wezokuThutha usishayele ihlombe isenzo samaphoyisa esifazane sokuzama ukunqanda izingozi ngokumisa bahlole isimo sezimoto ezisemgwaqeni. “Sithathe isinqumo sokugubha inyanga yabesifazane ngokuthi sibambe isivimbamgwaqo, sifuna ukukhombisa wonke umuntu ukuthi singabesifazane sizikhathalele izimpilo zabantu,” kusho uNkk Nkonyeni.  UNkonyeni uthe bazozama ukulungisa izinkinga ezikhungethe isikhungo sokuhlinzekwa kwamalayisense. “Siyazi ukuthi izikhungo ezihlinzeka ngamalayisensi zibhekene nezinselelo ezahlukene, kodwa sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi sibhekana nazo lezinselelo. Sigqugquzela nabantu besifazane abasebenza kulezikhungo ukuthi bafake izicelo kwizikhundla eziphezulu,” kusho uNkonyeni. Uveze ukuthi zonke izikhalo ezikhona ngalezikhungo zizolandelelwa.