Amadoda akhala ngokunganakwa kwezidingo zawo

0
133

AMADODA akhala ngokunganakwa kwezidingo zawo, nathi akholwa ukuthi izinkinga ezikhungethe amadoda zinomthelela ekwandeni kwezigameko zokuhlukunyezwa, ukudlwengulwa, nokubulawa kwezingane nabantu besifazane.

Amadoda athi akholwa ukuthi abantu besilisa abenza lesi sihluku basuke bebhekene nezinkinga ezingaxazululeka uma kungakhiwa umphakathi okwenza kube lula ukuthi amadoda ecele usizo uma ebhekene nobunzima.

Lokhu akuveze ngenkathi kunemashi yokubungaza inyanga yamadoda ebihlelwe uhulumeni wesifundazwe. Le mashi ibihlose ukuqwashisa ngenkinga yodlame lobulili, kukhuthazwe amadoda ukuba ebe ngompetha ekulweni nalo.

Imashi ibihlanganise abaholi bakahulumeni, abomphakathi, abezenkolo, abomdabu kanye nabantu abasha. Iqale eKing Dinuzulu Park yaze yaphelela eCity Hall. Imashi iphinde yasetshenziselwa ukukhuluma ngezinhlelo zokubhekana nezinkinga ezikhungethe amadoda.

Inyanga yamadoda iqhakambisa iqhaza lamadoda ekubumbeni isizwe, iphinde iveze izinkinga ezikhungethe amadoda ngenhloso yokuthola izisombululo zazo okungaba ezidinga izinhlaka zikahulumeni, izinhlangano zomphakathi okanye abantu besifazane.

Kule mashi bekukhona ubuholi besifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala onguNdunankulu wesifundazwe, uNks Hlengiwe Mavimbela onguNgqongqoshe wezeMdlalo, amaCiko namaSiko, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu onguNgqongqoshe wezeMpilo.

Bekukhona nomholi weKZN Men’s Forum uMbhishobhi Bheki Mchuunu, iMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda, Inkosi Felix Bengu ebileme uMkhandlu wobuHoli beNdabuko kwisifundazwe, abampahoyisa akwaSAPS nakaMasipala weTheku, kanye nabanye.

Ethula inkulumo yakhe, uZikalala uthe uyaqonda ukuthi kuningi okuphethe kabi amadoda kodwa akumele esebenzise khona njengesizathu sokuhlukumeza izingane nabantu besifazane ekubeni zikhona izindlela zokuwasiza.

Uthe amadoda kumele ebe isibonelo ezinganeni zabafana ngokwenza kahle nakuba ebhekene nobunzima, elwisane nezinto ezingalungile ezenzeka emphakathini. Wengeze ngokuthi amadoda kumele ekhohlwe indlela yakudala yokuphila eyayicindezela abesimame.

“Sihlonipha amadoda athuthukisa izingane zabafana ngendlela efanayo nezamantombazane. Angamadoda aqotho alwisana nokungalingani emphakathini. Akha isifundazwe esisha esinokuthula, esihlonipha amalungelo abantu nesingahlangani nodlame,” kusho uZikalala.

Uthe uyaziqhenya ngokuthi maningi amadoda akulesifundazwe asephumele obala ngokuthi awavumelani nokuhlukunyezwa kwezingane nabantu besifazane, wathembisa ukuthi uhulumeni uzoqhubeka weseke izinhlelo zokulwisana nalesi sihlava.

UMnuz Sphiwe Vilakazi ongusomahlaya odumile eThekwini, uthe bayafisa ukuthi inyanga yamadoda ihlonishwe njengenyanga yabantu besifazane, kube nezinhlelo eziningi zokurthuthukisa amadoda. Uthe bafisa kusungulwe izinhlelo zikahulumeni zokusiza amadoda.

USimelane-Zulu uvumelane noVilakazi wathi izinkinga ezikhungethe amadoda akumele zibhekwe ngoJulayi kuphela kodwa kumele kube into yansuku zonke, kube nokubambisana phakathi kwamadoda nabantu besifazane.

“Siyabadinga abantu besilisa abaziyo ukuthi umuntu wesifazane uphathwa kanjani. Siyadinga ukuthi sihlale sonke sixoxe, sivumelane ngokuthi iyiphi indlela esingenza ngayo ukuze kuzophela isihlava esibhekene naso,” kusho uSimelane-Zulu.

UMavimbela uthe uhulumeni uyaziqonda izikhalo zamadoda kodwa ngeke ziphenduleke uma ehambela kude nezinhlaka zikahulumeni. Uthe uhulumeni wesifundazwe ukholwa ukuthi konke okuhlelelwe ukusiza umphakathi kumele kwenziwe ngokuhlanganyela ndawonye.