ISISHO esithi isikhiye sempilo imfundo sigcwalisekile kwezinye zezitshudeni ebezenza izifundo emikhakheni ehlukene eDurban University of Technology, ngemuva kokuba umculi kamasikandi uKhuzani Mpungose elule isandla ukuthi nazo zigcine kufezeke amaphupho azo.
“Ngokuzithoba okukhulu mhleli nethimba, sicela ukudlulisa ukubonga kuKhuba, uKhuzani Mpungose ngeqhaza lakhe lokuzidela nokuthatha elinye igxathu ekusizeni abafundi abaphuma ezindaweni ezintulayo.
UKhuba ukholwa wukuthi “kungakhathaliseki ukuthi noma ngabe bakusiphi isimo akufanele balahle ithemba, uhambo ngeke lube lula kodwa kuzolunga ekugcineni, imfundo iwukhiye wokulwa nezinkinga zomphakathi,”kusho uThandeka Ndaba waseBergville, esigodini saseNdanyana, eRockdale ophothule izifundo zakhe zeNational Diploma kwiBusiness Information Management (obenza i-Advance Diploma njengamanje).
Uqhube wathi ukuza eThekwini ukuzoqhubekisela phambili izifundo zabo bephuma emakhaya ahlwempu kube ngenye yezinselelo abahlangabezane nazo.
Ngesikhathi bethuthela eThekwini bethulwa eSithelo okuyinhlangano engenzi nzuzo ehlose ukunika amandla, ukuqondisa nokufundisa amantombazane nabafana abancane abavela emiphakathini ekhungethwe ububha, ukuze kunqandwe ububha, ukucwasa nokungalingani kanye nokusebenzisa kabi izidakamizwa.
ISithelo sibe wusizo olukhulu ekunikezeni amaphakethe ahloniphekile, uxhaso lwezimali kanye neziqondiso kwabaswele. Inhlangano iSithelo iphinde inikeze intsha ngamakilasi abizwa ngokuthi “amakilasi empilo engcono” afundisa abantu abasha ukuthi bangazikhethela kanjani impilo engcono futhi bathuthukise izinga lempilo yabo.
ISithelo sibambisene nomculi wakuleli uKhuzani Mpungose ongumculi kamaskandi ekwenzeni amaphupho abafundi baseDurban University afezeke. UKhuzani unikele ngemali eyasiza ekuthengeni izimpahla zokugqoka, waqasha nezimpahla zokuthweswa iziqu zabafundi abangenawo amandla okuqeda.
Ngaphandle kukaThandeka Ndaba waseBergiville – Rookdale, eNdanyana othweswe iziqu zeNational Dip: Business Information Management (obenza i-Advance Diploma njengamanje) kunoSanele Ngozo waseNewcastle Madadeni naye othweswe iziqu zeNational Dip: Business Information Management.
Kube uNelisiwe Hlongwane waseDemat Chathsworth, entshonalanga yeTheku, uthweswe iziqu zeNational Diploma in Office Management. UZamangwane Khumalo waseMgungundlovu elokishini eMbali, e-unit 13, naye othweswe iziqu zeNational Diploma in Business Information Management.
Ngokusho kwabo uhambo aluzange lubelula belunezinselelo kodwa ngoxhaso lukaSithelo izinto zenzekile. “Nokho, ukuqwashisa ngezinkinga zomphakathi emiphakathini yethu kusadinga ukunakwa okukhethekile.
Ukuqondiswa kwemisebenzi nakho kubalulekile ngoba kunikeza isiqondiso nokucaca kubafundi abangenaso isiqiniseko somsebenzi abafuna ukuwulandela kanye namathuba emisebenzi atholakalayo,”basho kanje.






