AMALUNG eqembu lamaKhomanisi kanye namadlalendawonye nawo atheleke kwabomvu eNtshangwe, entshonalanga yeTheku, ngaphandle kwasePinetown, ngesikhathi eyobungaza iminyaka engu-100 leli qembu lasungulwa futhi liqhuba nomkhankaso owaziwa “ngeRed October”.
ISouth African Communist Party (SACP) uSihlalo wayo kulesi sifundazwe uMnuz James Nxumalo, ongumsinsi wokuzimilela kulendawo yaseNtshangwe engu-Ward 4 ngaphansi kukaMasipala waseThekwini, ibihlangene ehholo lomphakathi eNondlini, isikhulumi sosuku bekungonobhalala jikelele wamaKhomanisi uDkt. Blade Nzimande. Ngaphandle kukaDkt. Nzimande bekukhona namalungu ezinhlangano iSACP edlelana nazo okuyi-African National Congress (ANC), Congress of South African Trade Unions (COSATU) kanye nezinye. Ukutheleka kwabaholi balezi zinhlangano kulendawo ebuye ichazwe njengephakathi kweTheku noMgungundlovu kutolikwe njengezinye zezindlela zophawu zokudala ubumbano nobunye kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya. Kuzokhumbuleka ukuthi eNtshangwe ngaphambi kokhetho loHulumeni basekhaya olwedlule, obelungo-2016 kusuke uthuli lwezichwe kwaphuma nezidumbu.-
UNobhalala Jikelele wophiko lwentsha yamaKhomanisa, iYoung Communist League of South Africa, uTinyiko Ntini, uhlabe ikhwela walibhekisa ombimbini, wathi uma behlukene kuyobe bafaka uMbuso weNtando yeNingi eweni. “Njengoba silibangise okhethweni lohulumeni basekhaya, asihlangane, sonke, futhi sigxile embonweni wenhlangano wenqubekela phambili nokuthatha izinqumo eziphusile. Ake sigxile kokusihlanganisayo kunalokho okusihlukanisayo, ngoba lokho kuzoba yisisekelo sempumelelo yombimbi lwezinguquko,”kusho uNtini. “Lokhu akusho ukuthi azikho izingqinamba ekhaya, kodwa ngaso sonke isikhathi uma kunezinselelo ekhaya akusho ukuthi ugijime uye eMnyangweni wezaseKhaya uyoshintsha isibongo ngoba uphika lowo mndeni. Uma izinselelo zikhona kumele ubhekane nazo futhi ngaphakathi kwezinhlaka ezifanele, futhi iNtshangwe yiyona kuphela eyisibonelo sokwenza lokho, ”usho kanje.
Uthe ukuthula okutholakale eNtshangwe kuyingqophamlando emangalisayo okumele iqhubeke nokuhlinzeka umkhombandlela ezweni lonke. “Lokhu kufanele kusifundise ukuthi njengezinhlangano zobumbano sizosebenza ngokwezinhlaka zandawonye nokuthi uma siphathana njengabalingani abalinganayo sizophumelela njalo ngoba sizohlala sigxile kokusihlanganisayo, futhi sizokwabelana izinhlelo ezifanayo ngokubambisana, ”kuqhuba uNtini. Ilungu le-ANC le siGungu sikazwelonke, uNks Lindiwe Sisulu, ethula umyalezo wokweseka iqembu elibusayo, uthe ukhuthazekile ngobumbano olukhonjiswe eNtshangwe, lapho amalungu eqembu lamaKhomanisi kanye ne-ANC bekhethe ukuhlangana futhi banquma ukuthi ngeke babonakale besebenza ngokwehlukana, kunalokho bazobonakala besebenza ndawonye ngenhloso eyodwa. “Ngijabule futhi ukuthi le nto yokuthi iqembu lamaKhomanisi lifune ukungenela ukhetho lodwa isiphelile, sonke siyi-ANC namhlanje, yonke i-ANC ifisela iSACP inhlanhla eminyakeni ezayo. Kumele sihalalisele i-SACP ngoba siyiqembu elilodwa elisemkhankasweni wokhetho limunye.Ubumbano esiluthole lapha, ubumbano esifuna ukuqinisekisa ukuthi isifundazwe ngasinye kuleli sizokwazi ukusithatha. Sithathe inkemba siqhubekele phambili. Sibhekane nezikhathi ezimbi kakhulu kunalezi, kodwa njengamanje kudingeka siqinisekise ukuthi sibhekana nazo lezo zinkinga ngokubambisana, ”kusho uSisulu. Khonamanjalo leli qembu lamaKhomanisi libongele uGogo Ntuli obesehlanganise iminyaka engu-110 yobudala ngokuthi limvulele ngokusemthethweni indlu kanokusho, futhi enefenisha. Amalungu ombimbi nobuholi abe esephuma agcwala izitaladi achoma amabhodi njengengxenye yokuphusha umkhankaso wokuvota.






