Abe-Operation Dudula bathi abalwi nabokufika, kepha balungisa isimo

0
119

ABENHLANGANO, i-Operation Dudula bathi akungoba bebazonda abokufika kuleli, kuphela bafuna ukuqinisekisa ukuthi bonke abakuleli laseNingizimu Afrika bangene ngokomthetho noma kukhona abangenayo imvume yokuba kuleli.

Lokhu kuvele engxoxweni ebiphakathi komdidiyeli wethimba le-Operation Dudula kulesi sifundazwe, uMnuz Bheki Dzanibe odume ngeleNkalakatha,  kulandela umkhankaso abebenawo ngoLwesine olwedlule uphethe ngokuthi uphelele eMnyangweni wazaseKhaya eMngeni eThekwini.

“Njengoba besinalomsebenzi obungoLwesine eThekwini, besenza umsebenzi okufanele siyowenza nakwamnye amadolobha akhele lesi sifundazwe. Uma bekuthiwa sikhuluma njengamaqembu ezebhola ngabe sithi sikwi log, manje sifuna ukufinyelela ku-top 5 okusho ukuthi kusafanele sisebenze kakhulu amanye amadolobha asikawahambeli,”kusho uDzanibe.

“Sisasebenze eThekwini, sasebenza eMgungundlovu sasebenza naseHammarsdale entshonalanga yeTheku, eGreytown. Kunamadolobha afana neStanger, Mtubatuba kuyoshaya koHluhluwe naKwaNongoma, Port Shepstone, Kokstad ukubala ambalwa ngoba amadolobha amaningi asikafinyeleli kuwona,”kusho yena.

Ngokusho kukaNkalakathi abantu okuyibona ababhekene nabo okuthiwa abokufika kodwa abakuleli ngokungemthetho. Uthe ababhekene nabantu abanebala elinsundu ngoba bengabase-Afrika, kodwa babheke bonke abantu abakuleli akukhathalekile ukuthi ibala labo linjani, wathi isibonelo kunenkampani okuthiwa yiDunlop ebila eThekwini,  yavalwa abokufika, besuka eNdiya, eJapani yibo bonke abantu esibhekene nabo.

“Besinemboni yendwangu la eSouth Africa, abantu benemisebenzi eminingi kodwa lezo zinkampani sezaphela ngesizathu sokuthi abokufika baletha izimpahla zangaphandle. Njengamanje, sinenkinga yokuthi iTheku ligcwele abakokufika  abavela kumazwe ase-Afrika okuyibona asebethathe konke nezitolo nomnotho imbala walapha eNingizimu Afrika ngoba thina abawusinsi wokuzimilela asiwatholi amathuba. Asihlaseli uhlobo oluthile, sihlasela bonke abokufika kuleli kodwa abangenayo imvume”. Ucacise ukuthi umuntu okuleli ngokusemthethweni abakwazi ukuthi akabuyiselwe emuva kwelakubo.

Ephawula ngomnyakazo abebenawo ngoLwesine olwedlule uthe, ubuhlanganise izinhlaka ezahlukene okuyi-Operation Dudula, iSouth Africa Not For Sale,  uMkhonto WeSizwe, iMbumba Business Association, Abadayisi basemgwaqeni, inhlangano yabashayeli bamaloli, kube yi-Opesa. “Lezi zinhlangano zizonke sivumelene ukuthi senze umkkhankaso ngenhloso yokubuyisa umnotho wethu. Futhi siqonda ngqo abokufika kuleli abangene ngokungemthetho kodwa umuntu onamaphepha okubala into esiyenzayo, siye sifune ukuqinisekisa lamaphepha owaphethe ukuthi asemthethweni yini noma awomkloklotelo,”kuqhuba yena.

Lemashi abebenayo ngoLwesine ibiqonde ngqo eMnyangweni wezaseKhaya, uthe okudale ukuthi bakwenze lokhu ukuthi bathole ukuthi loMnyango uyakwazi ukwenza imiklokotelo yama-ducument. “Lokhu kufakazelwe nawu Ngqongqoshe waloMnyango uDkt. Aaron Motsoaledi okwazile ukuthi aveze ubugebengu obenzeka kulomnyango. Abalelwa ku-154 000 ama-ducument omkokotelo. Lokhu ukusho nje akakeze ukuzobheka kuleminyango yakulesi sifundazwe,”kusho uNkalakatha.

Myelana nobunzima abahlangabezana nabo uthe, okokuqala kunezinhlaka zomthetho nezokuphepha ezingama-Agencies kodwa aziwenzi umsebenzi wawo. Amaphoyisa awayithandi lento esiyenzayo futhi thina lokhu esikwenzayo sisiza wona amaphoyisa. Kukhona u-Metro akawenzi umsebenzi wakhe, uma uhamba eThekwini uthola ukuthi ayikho indawo yokupaka imoto kodwa amaphoyisa kaMasipala akhona. Uma eya kulezi zindawo akababophi abokufika kuleli. Kuyo yonke lemigwaqo okugcwele kuyo kuthiwe kuyadayiswa kodwa abokufika ababoshwa. Uma befika bezo raider I pavement kulaba bantu abadayisa emgwaqeni awathatha ama-foreighners.

Okwesibili sine Department of Labour. Izinkampani ziqasha abokufika bese bethi umsebenzi awukho eSouth Africa, kodwa thina esihamba phansi, sifika izinkampani ziqashile kugcwele abokufika, abakuleli abasebenzi yizinselelo esibhekene nazo zonke lezi,”kuqhuba uNkalakatha.