KUKHULEKELWE ukuphepha kwezingane kanye nabantu besimame emhlanganweni wokugoqa iNyanga yabantu besiFazane obubanjelwe esontweni iMethodist Church esesigcemeni sakwa-V eMlazi.
Lo mhlangano ubuhlose nokunika abesimame ithuba lokubonisana ngamasu okuxazulula izinkinga ezibakhungethe. Baphinde bafundiswa ngezindlela zokuzivikela nezokubika uma bephenduka izisulu zodlame lwasekhaya, olobulili kanye nezigameko zokunukubezwa.
Abesimame bebevakashelwe amaphoyisa akwaSAPS eMlazi, abafundise ngezinhlobo ezehlukene zokuhlukunyezwa. Kungaba ukuhlukumeza ngokushaya, ngokomphefumulo, ngokocansi kanye nangokwezimali.
Ukuhlukumeza ngokomphefumulo kuhlanganisa ukudelela, ukuchashwa ngenhlamba, ukuncishwa ithuba lokuzikhulumela nokunye. Ukuhlukumeza ngokushaya kuphetha ngokulimala emzimbeni.
Ukuhlukumeza ngokocansi kufaka phakathi ukunukubeza nezigameko zokudlwengula. Umuntu uyadlwengulwa ngisho umuntu asebudlelwaneni naye. Ukuhlukumeza ngokwezimali kufaka phakathi ukuncishwa amathuba ezomnotho nokuzenzela imali.
UKapteni Nokuphiwa Jwili uthe abesimame abaningi babekezelela ukuhlukunyezwa ngoba besabela ukuthi bangase behlupheke noma belahlekelwe yikho konke uma bebalekela abantu ababahlukumezayo noma bebabika emaphoyiseni.
Uthe ukuhlala ebudlelwaneni lapho kungekho khona ukujabula kungaholela ekutheni abesimame begcine bengenwa ukhwantalala, kube nomthelela omubi nakwisimo sempilo sezingane zabo.
Abesimame baphinde bachazelwa nangezinhlelo, nezindlela ezehlukene zokuthola usizo. Bangakwazi ukuvula amacala eziteshini zamaphoyisa, bethole izincwadi zokuvikela okanye bethole usizo kwizinhlangano zomphakathi ezibhekana nezigameko zokuhlukumeza.
UJwili utshele abesimame ukuthi esiteshini saseMlazi kukhona ihhovisi elibhekana ngqo nokusiza abantu abahlukumezekile, kulo okusebenza osonhlalakahle beDurban Life Line. Lisebenza phakathi nesonto kuphela.






