Ugqugquzele intsha ngokuqaphela ubungozi bezidakamizwa

0
331

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza usonge, uMgubho woSuku lwabesiFazane ngokuchitha usuku lwakhe nezaguga eKing Zwelithini Stadium, eMlazi ngeSonto.

UNgqongqoshe uKhoza ubehambele umcimbi wezemidlalo obuhlelwe wuMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kanye neBring Back Life Foundation (BBLF) lapho intsha nezaguga bezibambe iqhaza emikhakheni ehlukene yezemidlalo efana nebhola likanobhutshuzwayo, ikarati, isibhakela nevolleyball.

Lenhlangano engenzi nzuzo iyisisekelo esibuyisela ithemba kanye noBuntu emiphakathini ngezemidlalo ezahlukene. I-BBLF ibe nemikhankaso eyahlukene yokubhekana nokungabi nabulungiswa kwezenhlalo nezomnotho emphakathini waseMlazi nasemalokishini akhele iTheku namaphethelo.

UNgqongqoshe uKhoza ugqugquzele intsha ukuthi iziqhelelanise nezidakamizwa ijoyine uhlelo lomnyango olubizwa nge-“Ke Moja” I’m fine without drugs okuwuhlelo lokulwisana nezidakamizwa.