Isibhamu samaphoyisa kwabasolwa ngokubhubhisa eSavannah Park

0
137
Kungesikhathi owayenguNgqongqoshe wezokuPhepha kulesi sifundazwe, uNkk Peggy Nkonyeni osengamele uMnyango wezeziMali eyohlola umonakalo owadaleka ngemuva kwesibhicongo sokubulawa kwabantu eSiqhopholozi eSavannah Park, eMariannhill. Komunye wabasolwa kulesi sehlakalo utholwe nesibhamu okuthiwa santshontswa ngesikhathi kunezibhelu

YIZE amaphoyisa ethi abasolwa okusolakala ukuthi bayathinteka esigamekweni sokudubula eSavannah Park, batholakale nesibhamu umuntu ngamunye, ngesikhathi befaka isicelo sebheyili, abasolwa bathi izibhamu zitholwe endlini abebekuyo.

Laba abathathu, uNjabulo Mchunu (31), uComfort Ngubo (22) kanye noNicolas Sphamandla Hadebe (24) bathole ibheyili eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngeledlule. IMantshi uGwendolyn Robinson inikeze uNgubo noHadebe ibheyili ka-R8 000 umuntu ngamunye yase ithi ekaMchunu ingu-R10 000.

Kuphinde kwavela ukuthi izibhamu ezintathu okusolakala ukuthi zitholwe kubasolwa zebiwa. Esisodwa okusolakala ukuthi yisibhamu samaphoyisa ombutho waseNingizimu Afrika esathathwa yizigebengu kushiswa imoto yamaphoyisa ngesikhathi sezibhelu zikaJulayi 2021.

Laba bobathathu kuthiwa bahlobene nesigameko sokudutshulwa kwabantu abaningi eSavannah Park ngemuva kokuthi iMeya yeTheku imemezele ngesikhathi ivakashele umndeni oshonelwe ukuthi baboshiwe abasolwa abathathu okusolakala ukuthi bayathinteka esigamekweni sokudubula.

Ngosuku okusolwa ngalo isigameko, oshayasibhamu bavulela ngenhlamvu eSiqhopholozi eSavannah Park, kwashona umnikazi we-tuck shop uMnuz Bhekumuzi Mzobe, abashana bakhe uSiboniso Mzobe noSanele Khenisa, noPhumlani Mpithimpithi, uSphamandla Shezi, uSiyakudumisa Mtshengu nowesikhombisa okubikwe ukuthi kuthe ngokuhamba kwesikhathi washonela esibhedlela.

UMchunu, uNgubo noHadebe, ababoshwe ekuseni ngo-Agasti 2 emzini womngane wabo eWyebank entshonalanga yeTheku, babhekene necala lokutholakala nesibhamu ngaphandle kwelayisensi kanye nezinhlamvu.

Emizamweni yabo yokuthi bakhululwe ngebheyili ummeli wabo uMthokozisi Mazibuko ufunde incwadi ngayinye efungelwe. Bobathathu bathe abakaze bagwetshwe ngaphambilini noma amacala asalindile futhi bonke abazibophezele ukuthi bazoyithobela imibandela kufanele banikezwe ibheyili.

“Ngaboshwa kwamngane wami, sasiyisikhombisa kuhlanganisa nabasemzini… amaphoyisa athola izibhamu kulowo muzi kodwa abopha thina sobathathu hhayi abantu bakulowo muzi,” kusho uMchunu futhi watshela inkantolo ukuthi unengane enonyaka owodwa.

Nokho umphenyi wecala, ngencwadi efungelwe, utshele inkantolo ukuthi ngelanga amaphoyisa agasela emzini kaSkhumbuzo Gamede eWyebank, kwathi esesesha abasolwa ngaphakathi endlini, atholakala nalezi zibhamu. UWarrant Officer Eric Maphare wethula ubufakazi. ukuthi uMchunu utholakale nesibhamu esimnyama sohlobo lwe-9mm kanye nezinhlamvu.

“Umsolwa uboshwe nesibhamu nezinhlamvu ezingu-17. Isibhamu sithathwe ngesikhathi kugetshengwa umuzi e-KK (ehostela) KwaDabeka,” kusho uMaphare ekhuluma noNgubo.

UMaphare uthe ngesikhathi uHadebe eboshwa watholwa “nesibhamu samaphoyisa ezebiwe” esihlobene necala lokugetshengwa kwamaphoyisa ePinetown lapho kwashiswa khona imoto yamaphoyisa ngesikhathi sodlame lwangoJulayi.

UMbuso awuzange uphikisane nebheyili kanti uMazibuko uthe lokhu kunomthelela kumakhasimende akhe azibophezele ngokuthi ngeke agxambukele kofakazi noma icala linikezwe ibheyili, wengeza ngokuthi ababazi ofakazi – kuleli cala amaphoyisa.

Ngesikhathi ikhipha ibheyili imantshi uRobinson uphawule ukuthi abukho ubufakazi obuphambi kwenkantolo bokuthi ibheyili yabasolwa izophazamisa ukuthula emphakathini noma bazolibalekela icala. Icala lihlehlisiwe. Bobathathu abasolwa bahlose ukuliphika icala.