Amaphoyisa ahlube udlubu ekhasini ngobugebengu

0
132

UBUGEBENGU abukhethi bala lamuntu, abukhethi bulili, minyaka futhi abukhethi uphila nokukhubazeka noma cha, wonke umuntu uyaba isisulu sobugebengu noma kube nguye uqobo owenza ubugebengu.

Lokhu kuvezwe amaphoyisa aseMlazi ngenkathi evakashele esikoleni sabaphila nokukhubazeka iMason Lincoln Special School esesigcemeni sakwa-V eMlazi. Ebeyoqwashisa ngezinhlobo zobugebengu kanye nomthelela wobugebengu.

Kulesi sikole kukhona abafundi abakhubazeke ngokwamalunga omzimba, abangaboni, abanengqondo engasebenzi njengeyabanye abafundi, abanebala elimhophe nabanesithuthwane.

Amaphoyisa akhuthaza abafundi ukuba beziqhelelanise nobugebengu, bebike bonke ababandakanyeka kwizigameko zobugebengu. Kubalwa nabaphatha izidakamizwa kanye nezikhali ezikoleni.

USergeant Sifiso Gumede weSocial Crime Prevention Unit, ufundise abafundi ngobungozi bokubhema ugwayi. Uthe kuba nomthelela omubi kakhulu ezinganeni ngoba izicubu zazo zomzimba zisebuthaka, zisheshe zingenwe ukugula.

Uphinde waxwayisa ngokuphuzwa kotshwala, wangeza ngokuthi khona kubabeka engozini yokunukubezwa ngokocansi. Uthe kusemqoka ukuba bezivikele ngazikhathi zonke, begweme nokwebelana impahla yabo.

UWarrant Officer Sithembile Shezi ucobelele abafundi ngolwazi ngezinhlobo ezehlukene zokunukubeza ngokocansi. Uthe bonke ababathinta ngendlela abangayithandi kumele bebikele abazali, izihlobo, abangani, othisha noma omunye umuntu abamuthembayo.

“Kwezinye izikhathi abantu abenza izinto ezingalungile bayazisabisa izisulu zabo, ningakulaleli konke abakushoyo. Ningakwesabi ukubika ngezigameko zokunukubezwa ngokocansi, amaphoyisa azonivikela,” kusho uShezi.

Amaphoyisa avakashele kulesi sikole ephelezelwe abasebenzi beDurban Life Line. UNks Thuli Taylor ongusonhlalakahle kule nhlangano, ucobelele abafundi ngolwazi lwezinhlobo ezehlukene zokuhlukumeza.

Uthe akekho umuntu onelungelo lokuhlukumeza omunye, wabakhuthaza ukuba bebike ukuze bezosheshe besizakale. Uthe ukufela ngaphakathi kwenza ukuthi ube nenzondo, khona okuholela ekutheni ugcine wenze izinto ezingalungile.

Amaphoyisa aphinde atshela abafundi ukuthi kumele bezizwe bephephile ngazikhathi zonke uma besezikoleni, uma kukhona okubeka impilo yabo engozini bengakwesabi ukubikela othisha namaphoyisa.