Unqatshelwe ibheyili osolwa ngokuthumba

0
55
USihle Magubane owenqatshelwe ibheyile ebanjwe amaphoyisa

USIHLE Magubane (38) owaboshwa uPhiko lwamaphoyisa oluhlanganyele okuyi-Reaction Unit South Africa (RUSA) kanye namaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) ngamacala okuthumba nokuphanga ogcinwe esitokisini kulindeleke ukuthi aphinde avele eNkantolo yeMantshi eMbumbulu ngo-Agasti 24, kulonyaka.

Ngokwesitatimende samaphoyisa uMagubane kanye nabanye abasolwa bahlasele owesilisa ngaseFolweni, eNingizimu yeTheku, ngoLwesibili mhlaka 14 kuJuni kulonyaka. Loktu bakwenza bevale amehlo babopha ngenkani bayombeka endaweni engaziwa.

Isisulu senziwa ukuthi sikholwe ukuthi babephinde bathumba indodakazi yaso futhi babezoyibulala uma engayinikezi iphinikhodi yekhadi layo le-atm. Bakhipha imali engu-R10 000 base benquma ukuyikhipha ebhange ngakusasa ngemuva kokufinyelela emkhawulweni wokukhipha imali wansuku zonke.

NgoLwesithathu, mhlaka Juni 15, 2022 kuthiwa iqembu lezigebengu lithathe le ndoda layiyisa kuMoss Street enkabeni yedolobha iVerulam lamyalela ukuthi angene ebhange laseCapitec akhiphe imali esele. Ngesikhathi isisulu sikhishwa indwangu ebesivalwe ngayo amehlo kuthiwa sabona umshayeli nemoto eyisiliva iFord Ranger.

“Isisulu sangena ebhange sabikela isisebenzi sakhona ukuthi ukholelwa ukuthi indodakazi yakhe iboshiwe. I-SAPS Verulam ithintwa umsebenzi wasebhange futhi Amaphoyisa abikela Amaphoyisa akwa-RUSA ngesimo sokuthunjwa okungenzeka kube khona,”kusho isitatimende.

Ngezithuba zabo-11:54 ngalo lolo suku, amaReaction Officers & Police Officers agcine ebukele base befika endaweni yesigameko babopha uSihle Magubane. Imoto esetshenziswe ngesikhathi kuthunjwa, kushaqwe iFord Ranger ebhaliswe ngezinombolo zasePinetown egqihile. Amaphoyisa athungatha izisulu indodakazi eneminyaka engu-16 ubudala, ayithole ingenamyocu lapho ifunda khona.

UMagubane uvele eNkantolo yeMantshi yaseMbumbulu wagcinwa esitokisini saseWestville elindele ukuqulwa kwecala. Uzobuyela enkantolo ngo-Agasti 24, 2022.