ZIKHWELE zadilika kwizikhulu zikahulumeni izakhamuzi zasezindaweni ezehlukene zaseNanda, Ntuzuma, KwaMashu kanye nasezindaweni ezisondelene ne-INK, zikhala ngokuthi izikhulu zisebenzise usizi lwazo ukuzakhela igama elihle, zenzela ukuthi kubukeke engathi zikhathazekile ngosizi lwazo.
Zithi kuzicasule kakhulu ukuthi zonke izikhulu zikahulumeni ebezizohlola umonakalo odalwe izimvula zifike ziswnke ziconsa, okwenza izakhamuzi zizibuze ukuthi izikhulu bezizele ukuzosiza noma ukuzonika abezindaba ithuba lokuthwebula izithombe. Zedlulise ukungagculiseni ngokuthi izikhulu zenze izethembiso ezingazibekelanga isikhathi. Izakhamuzi ezikhahlanyezwe izimvula zithi isenzo sezikhulu zikahulumeni sitshengise ukungazwelani nazo ngoba zifike izakhamuzi zisematasa nokuqoqa impahla yazo ecekeleke phansi, zilungisa nezindlu ebeziklayekile kodwa izikhulu azikwazanga ukusiza ngalutho ngoba beziswenke ziconsa. Omunye wesakhamuzi saseNhlungwane obekhona ngenkathi kufike izikhulu, uthe kuyabadina njengomphakathi ukuthi akukho abatshelwe khona ngezindawo zokuhlala okuyinto esemqoka kakhulu kubo njengoba bebhidlikelwe izindlu.
Uthe abachazelekanga ukuthi bazosizakala kanjani. “Bafika ngezimoto ezinkulu, bazobukisa ngathi ngoba bona bezobuyela embhedeni yabo emkhulu. Angibazwanga ngempela ukuthi bazothini, ukuthi bazosisiza ngani. Bagqoke amasudu nezicathulo ezicwebezelayo. Bazongena kanjani odakeni? Njengoba sihamba ngezinyawo, singenazo nezicathulo basiphatheleni?”, kubuza lo wesimame. Izakhamuzi zikhale nangokushoda kwamanzi, zathi okubi kakhulu ngokushoda kwawo ukuthi la eziwatholayo ayazigulisa. Zifuna nokuthi uMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi awukaze uthumele osonhlalakahle abazokwazi ukuzilekelela ngangcindezi ezibhekene nayo ngenxa yokukhahlamezeka. Izakhamuzi ziphinde zakhala ngokuthi kukhona izindlu ezakhiwe ngaseBridge City kodwa okungakahlaliswa muntu kuzo, zibuza ukuthi kungani abantu ababhidlikelwe izindlu bengahlaliswa kuzo. Zithi kwazona izindawo okuthiwa azibhace kuzo azikho kwisimo esikahle. Zithi impilo isinzima ngoba azisenawo namadokodo abalulekile.
Izakhamuzi zikhathazeke kakhulu ngeesimo sezingane njengoba zithi izingane azinayo imifaniswano yesikole, futhi kumele zibe sezindaweni eziphephile. “Njengoba behamba bayazi yini ukuthi sizolala kuphi? Njengoba kunezingane la, bayazi yini ukuthi zizoshonaphi,” kubusa esinye isakhamuzi. Kule ndawo bekufike abaholi bekomidi lezempilo okunguDkt Joe Phaahla onguNgqongqoshe wezeMpilo kazwelonke nePhini lakhe uDkt Sibongiseni Dhlomo, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu onguNgqongqoshe wezeMpilo wesifundazwe, iNhloko yomnyango wesifundazwe uDkt Sandile Tshabalala, abaholi abebevela kuMasipala weTheku kanye nabomphakathi. USimelane-Zulu uthembise ukuthi ongqongqoshe bemnyango ethintekayo bazolandelela ukuthi zonke izethembiso ezenziwe emphakathini ziyafezeka.
Uthe uyazwelana nomphakathi ngezikhalo zawo, wathi okwabo bekuwukuzobona ukuthi umphakathi ungasizwa kanjani ngasohlangothini lwezempilo. “Okwethu njengoba siseMnyangweni wezeMpilo ukuzobuka ukuthi impilo yenu injani ngoba uma senisindile emvuleni akufanele ebese niyashona ngoba benigula noma benishayekile ninganakekanga. Uyeza uhulumeni, nami ngizokhuluma noNgqongqoshe wokuHlaliswa kwaBantu uMnuz Jomo Sibiya,” kusho uSimelane-Zulu. Ungqongqoshe uthe okumele kwaziwe izakhamuzi ukuthi uma sezakhelwa izindlu ngeke zisabuyela endaweni ebezihlala kuyo ngoba ayiphephile, wathi lokhu kusho ukuthi kuzomele kusungulwe uhlelo lwendawo lapho abantu abazothuthelwa khona. Uthe izinhlaka ezehlukene zikahulumeni zimatasa ngalo lolu daba.






