Kulindeleke ingcwenga yebhola kuDStv Premiership

0
79

Kulindeleke ukuthi kusiphuke izidindi emdlalweni weDSgtv Premiership ozokuba phakathi kweLamontville Golden Arrows neKaizer Chiefs ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu

KULINDELEKE ukuthi idle ngokushuba nokukhanga imidlalo yeDStv Premeirship ezodlalelwa ezinkundleni ezahlukene namuhla, ngoLwesithathu.

Lemidlalo ilandela isasasa elikhonjiswe amaqembu emidlalweni yeligi ebingempelasonto edlule lapho amaqembu akhombise ukuthi yikuphi akudingayo njengoba sezihubela sakusha ngokusongwa kwesizini. NgeSonto iSwallows ibalekile endaweni eyingozi ngemuva kokushaya iBaroka ngo- 3-2, eDobsonville Stadium. Omunye umdlalo obubhekwe ngabomvu obudlala ngalo iSonto obuphakathi kweRoyal AM naMaZulu FC. Lomdlalo we-DStv Premiership obuseChatsworth Stadium uphele ngo-0-0. Lomphumela uqinisekise ukuthi iThwihli Thwahla isaqhubeka nokulala isibili kulog, futhi ilandela ngemuva ngamaphuzu angu-12 kuMamelodi Sundowns esanomdlalo esandleni.

Ngakolunye uhlangothi, Usuthu nalo lusaqhubeka nokulala unombolo 7, lusele emuva ngamaphuzu angu-4 kwiKaizer Chiefs elele unombolo 4. IStellenbosch FC siqhubekile nokufaka usawoti esilondeni kuChiefs ngesikhathi siyishaya ngo-1-0 emdlalweni obuseDanie Craven Stadium, ngoMgqibelo ebusuku. I-TS Galaxy iqhubekile nokuhlala kunombolo 14, ngemuva kokudlala ngokulingana neMaritzburg United, emdlalweni obuMbombela Stadium, ophele ngo-1-1. Nawo lomdlalo ubungoMgqibelo ntambama. Phakathi kwemidlalo ebhekwe ngabomvu namuhla ngozokuba phakathi kweLamontville Golden Arrows neKaizer Chiefs, ePrincess Magogo Stadium, KwaMash, ngo-3 ntambama. Abafana Bes’thende bazodlala lomdlalo nje kuyo lenkundla badlale ngokulingana neSekhukhune United, umdlalo waphela ngo-1-1.

Imidlalo yeDStv Premiership:

Namhlanje: Golden Arrows vs Kaizer Chiefs (Princess Magogo Stadium, KwaMashu, 3pm); Orlando Pirates vs Chippa United (Orlando Stadium, 5pm); Mamelodi Sundowns vs Cape Town City FC (Loftus Versfeld Stadium, Pretoria, 5pm)

NgoMgqibelo: Kaizer Chiefs vs Cape Town City FC (FNB Stadium, 3pm) NgoLwesibili (Meyi 3):  Sekhukhune United vs Mamelodi Sundowns (Ellis Park Stadium, 5pm); Kaizer Chiefs vs Marumo Gallants FC (FNB Stadium, 5pm); TS Galaxy vs Orlando Pirates (Mbombela Stadium, 5pm)