Kulokoza inhlansi yethemba ngokubulawa kwezinduna

0
123

Kungesikhathi kukhunjulwa amakhosi kanye nezinduna asabulawa kusukela ngo-2012

ISIYABONAKALA inhlansi yethemba ngodaba lokusocongwa kwezinduna namakhosi KwaZulu-Natal, uhulumeni wesifundazwe uthembisa ukuthi izinhlelo ezifakiwe ngokubambisana nezinhlaka zezomthetho zizoqala ukwenza umehluko ekuvikeleni abaholi bendabuko khona maduze.

Lokhu kuvele ngenkathi kunomkhuleko wokuthula nokukhumbula izinduna ezingu-28 kanye namakhosi angu-5 asabulawa kusukela ngo-2012. Okwamanje basangu-25 abantu ababoshelwe amacala ehlukene ngokubulawa kwabaholi bomdabu. Umkhuleko ubuhlelwe uMnyango wokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, ubanjelwe emahhovisi oMnyango weMsebenzi yoMphakathi aseMeyville muva nje. Kuphinde kwaboniswana ngezindlela zokuxazulula izinkinga ezikhungethe ubuholi bendabuko.

Kubaholi abebekhona kubalwa uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala, uNgqongqoshe woMnyango wokuBusa kanye nokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz Sipho Hlomuka, izinduna namakhosi, kanye nabezinhlaka zezokuphepha. UZikalala uthe ubuholi baKwaZulu bubalulekile ngoba buvala igebe elikhona phakathi kukahulumeni nemiphakathi. Uthe uhulumeni uyakuhlonipha, futhi uyazigqaja ngokubakhona kwabaholi bomdabu kulesifundazwe, wangeza ngokuthi kuzoqiniswa ezokuphepha ukuze bezovikeleka. “Sidinga uhlelo olukhulu oluzosihlanganisa sonke ukuze sizolwa nokusocongwa kwezinduna namakhosi. Ukubulawa kwabaholi kunomthelela omubi emphakathini ngoba kungcine sekuchaphazeleka nabanye abantu, kuphazamiseke ukuthula nokuhanjiswa kwezidingongqangi,” kusho uZikalala.

UHlomuka ukhuthaze abaholi ukuba bexoxisane uma kunokungaboni ngasolinye noma kunombango wezikhundla, wangeza ngokuthi ukubulalana akusona isisombululo. Uthe ukubulalana kwakha isithombe esibi nasezinganeni ezikhula zazi ukuthi udlame luxazulula izingxabano. “Izimpi azikaze zaba nomphumela omuhle. Akukho okuhle ngokubulala umuntu, akekho onelungelo lokuthatha umphefumulo womuntu. Uma singakwazi ukubonisana, bakhona abanikwe amandla okuxazulula izinkinga abazothola isisombululo,” kusho uHlomuka.

USihlalo woMkhandlu wobuKhosi baKwaZulu Inkosi Phathisizwe Chiliza, ukhuthaze amakhosi nezinduna ukuba zisebenzele umphakathi ngokuzimisela. Uthe abantu babukela kubaholi bendabuko ngezikhathi zobunzima, okusho ukuthi izinduna namakhosi kumele enze kahle ngazikhathi zonke. “Izigilamkhuba ezibulala abantu ngokusebenzisa igama lobuholi bomdabu zisakhela igama elibi. Siyanxusa, futhi sikhuthaza wonke umuntu onolwazi ngokusocongwa kwezinduna namakhosi ukuba exhumane namaphoyisa ukuze bezobhekana nengalo yomthetho,” kushi Inkosi uChiliza.