Bathathe igxathu lokuthekela ulwazi ngokuphathwa kwezwi

0
62
UMfundisi K X Shabalala eluleka abangena emkhakheni wokuhlola izwi

ABANYE babaholi bamandla ezenkolo bathathe igxathu lokuyothekela ulwazi esikhungweni sezenkolo i-Omega Theological College ngokuhlolwa kwezwi likaNkulunkulu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi bondla izimvu zeNkosi ngokuyikho.

Lokhu kuhlaluke emcimbini wokwamukelwa kwabafundi abazokwenza unyaka wokuqala nabaqhubeka kulesi sikhungo esiphethwe uDr Bishop CS Mdabe obuseNew Season Ministries, ePinetown, entshonalanga yeTheku ngoMgqibelo.

Abanye abafundi amukelwe e-OTC kutholakale ukuthi ngababaholi abanemisebenzi abayisebenzayo emabandleni abasuka kuwo, kodwa bafuna ukuzothekela ulwazi bahlole. Kuvele ukuthi basuke baqalisa ngokuthi bayosebenza manje sebebona isidingo sokuyohlola. Bese kuba abafundi abanye abangabazalwane ababambe amaqhaza ezinkonzweni ezahlukahlukene ngaphakathi emabandleni abakhonza kuwona.

Phakathi kothisha abafundisa kulesi sikhungo kukhona abangodokotela, abangabelusi bamabandla abavele bakuwona lomkhakha wokuthi kuluswe amabandla. Iningi labo bonke bayisebenzi zenkosi bavele basemkhakheni wokuphatha amabandla. Lokhu kwenza ukuthi abafundi base-OTC bazuze kakhulu isipiliyoni, nokuthi bafundiswa ngabantu abayihambayo lendlela. “Ngakho kubalulekile, ukuthi bahlanganise impilo kathisha nemibhalo abayifundayo, babuze imibuzo kubelula ukuphenduleka ngoba othisha bavele bangabantu abasensimini futhi belusa ibandla,”kusho uDr Mdabe.

Ngesikhathi ethula inkulumo yokubemukela uDr Mdabe ugcizelele ukuthi izifundo zabo  ziyiminyaka emibili eyediploma. Unyaka wesithathu nowesine kusuke kuyiminyaka oyithatha esikhungweni esingaphandle kodwa bona e-OTC ebayingxenye yaso. “Usuke sowenza i Degree (iqhuzu) akuyona eyangaphakathi e-OTC ibuya ngaphandle kodwa yithina esiyifundisayo. Sigunyaziwe ukuyifundisa sibafundisele yona. Kubuye kwagcizelelwa ukuthi abafundi abazimisele, bazihloniphe ngoba ukuhlola izwi kuyayidinga inhlonipho. Kufanele uzitshele ukuthi lomsebenzi engizowenza uzothatha iminyaka emibili, emithathu noma emine, ukwenza lomsebenzi ngoba ngifuna lokhu engikuhlosile kube yimpumelelo, kucacisa uDr Mdabe.

Enkulumeni yakhe abeyesekele ngencwadi uThimothewu wesibili, isahluko sesibili nevesi lika-15 ubanxuse kakhulu abafundi ukuthi bazimisele futhi bazibophezele ezifundweni zabo, bazinike isikhathi sokufunda emakhaya bangagcini emakilasini kuphela.

Ubuye wamemezela ukuthi ngenxa yobuningi babantu, abafisayo ukuqalisa ukufunda ngaphansi kwe-OTC kodwa abangakakulungeli ngenxa yezimali nangenxa yezinkinga zokhuvethe nokungabikho kwezimali njengoba unyaka usanda kuqalwa bathathe isinqumo sokuba belule isikhathi sokubhalisa. “Ngaleyondlela ukuthatha abafundi abaqalayo kuzovuleleka kuze kube umhlaka Mashi 26, 2022 kulapho sesiyoba nekilasi lokuqala labafundi abaqalayo.

“Abafundi bethu ababuyile abebekade beqhubeka bona sebeqalile ukuqhubeka nezifundo zabo. Sibuye sagcizelela ukuthi i-OTC isikhungo esiqeqesha umuntu ekuhloleni izwi lenkosi nokuba wusizo ebandleni lapho ekhona. Asiqeqeshi abantu sibaqeqeshela ukuthi bayosebenza kwahulumeni noma bayakuphi. Sibaqeqeshela ukuthi bayosebenza emabandleni bathuthukise umphakathi, bakwazi futhi ukuba wusizo emphakathini lapho ibandla likhona nalapho bekhona,”usho kanje.

UMfundisi K X Shabalala owethule izwi lenkosi ebelisasifundo futhi onguthisha ofundisa kulesi sikhungo uhlube udlubu ekhasini ekhuluma ngezwi lenkosi alisusele kuHoseya 4:6 elithi: “Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena,ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.”

Entshumayelweni yakhe esasifumdo uqale ngokuthi chaza kabanzi ngomsebenzi kaHoseya, wagcizelela ingozi yokukhohlwa nokuswela ulwazi. Ingozi yokuba nolwazi kodwa ungalusebenzisi. Ubuye wachaza nomehluko phakathi kokufa nokubhubha kanye nokwazi ukuthi kunezimo lapho kufanele wazi ukuthi impi obhekene nayo akusiyo ekasathane, kodwa idalwa ukusweleka kolwazi.

“Isizwe sikaNkulunkulu asihlulwa amasosha, asihlulwa amnadimoni, asihlulwa usathane, kodwa sihlulwa ukungazi. Inkinga bakhohlwa yisambulo solwazi sikaNkulunkulu igama lakhona elibizwa ngokuthi yiTheology. Leligama elithi “Theo lisho ukuthi God (Nkulunkulu). Elithi “logy” lisho ulwazi lukaNkulunkulu, uma kuthiwa nimlahlile, nilahle ulwazi lukaNkulunkulu. Ngaleyondlela uma ningazi ngoNkulunkulu, ukungazi umqondo kaNkulunkulu. Okusho ukuthi uma ningazi nisebumnyameni. Ningasebenza kanjani nisebumnyameni yiyona ndlela lena usathane asebenza ngayo. Iyona ndawo usathane asebenza kakhulu emhlabeni wokungazi,”usho kanje. UMfu Shabalala.

Uqhube wathi umuntu kaNkulunkulu ongazi udedela usathane abeyinkosi kuye ngoba usathane usebenza ezweni lobumnyama. Noma ubani umuntu uyezwa la ukuthi ababhujiswa amadimoni, babhujiswa ukungazi. Inkinga yokungazi kubakhona amandla obumnyama. “Abantu abangazi akuyona ingozi kubona kuphela, bayingozi nakubantu abazobezwa. Bonke abantu abazoma phambi kwabo bayingozi kubo,”usho kanje.