Bazowezwa ngandaba amakhaza

0
169

Injabulo ibibhalwe ebusweni kubafundi abahlomule ngemifaniswano yesikole

BAZOWEZWA ngendaba amakhaza abafundi abangu-200 abaphuma emakhaya ahlwempu, abafunda ezikoleni ezehlukene eziku-wadi-63 naku-wadi 65 ngemuva kokuthi inhlangano engenzi nzuzo, iSiphilisiwe ibanikelele ngemifaniswano yesikole.

Imifaniswano ibinikelwe iSafal Steel, yahanjiswa ile nhlangano ngokubambisana neCommunity Participation and Action Support Unit kaMasipala weTheku. Abafundi abahlomulile abebeqokwe osonhlalakahle basemphakathini. UMsunguli wale nhlangano uNks Thandi Mabhida, uthe bayakuqonda ukubaluleka komfaniswano wesikole nobunzima abafundi ababhekana nabo uma bengenawo. Uthe abaningi bebegqoka umfaniswano ongasekho kwisimo esihle. “Sikhuthaza namalungu omphakathi ukuba exhumane nathi uma izingane zawo zingenayo imfaniswano esezingeni ngoba uhlelo lokunikelela abafundi lusazoqhubeka. Siluqhuba minyaka yonke,” kusho uMabhida.

UKhansela Zama Sokhabase onguSihlalo weMsebenzi yoMphakathi kumasipla, uthe umasipala uyakwamukela ukuba khona kwezinhlangano ezenza umehluko ezimpilweni zabantu. Uthe kusemqoka ukubambisana ekuthuthukiseni umphakathi. UKhansela Ayanda Ndlovu obephelezele uSokhabase, uthe likhulu iqhaza elibanjwe izinhlangano ezingenzi nzuzo emphakathini. Uphosele inselelo izinkampani ukuba zixhase izinhlangano zomphakathi. “Izinhlangano zomphakathi zibambisana nohulumeni ekuphuculeni izimpilo zomphakathi. Kusemqoka ukuthi zesekwe ngoba zifinyelela lapho izinhlelo zikahulumeni ezingakafiki khona,” kusho uNdlovu.