
SIBASHIYE abaningi bethuthumele isehlakalo sokubulawa ngesihluku kobelikhansela le-African National Congress (ANC) kuMasipala weTheku, ku-Ward 19 ngaphandle kwasePinetown entshonalanga yeTheku.
UMnuz Bheki Andries Mvubu (50) ihlandla lakhe lokuba yikhansela eliphele ngemuva kokhetho lwamakhensela obelungoNovemba nyakanye kuthiwa, udutshulwe wabulawa ngaphandle komuzi wakhe, eWyebank, entshonalanga yeTheku ngoLwesine ebusuku.
UBrigadier Jay Naicker, okhulumela amaphoyisa esifundazwe, utshele abemithombo yezindaba ukuthi lesi sehlakalo senzekile, futhi icala lidluliselwe ophikweni lweNational Political Violence Task Team ukuze luphenywe.
“Kusolakala ukuthi izolo (ngoLwesine) ngo-18:45, kudutshulwe kwabulawa owesilisa, 50, ngesikhathi ehla emotweni yakhe ngaphandle komuzi wakhe eWyebank,” kusho uNaicker.
“Umufi udutshulwe ngabasolwa abathathu abangaziwa ababaleke endaweni yesigameko. Ube namanxeba amaningi okudutshulwa. Kuvulwe icala lokubulala.”
UMvubu usebenze njengekhansela kuWadi 19 kuMasipala weTheku kusuka ngo-2016 kuya ku-2021. Esikhundleni sakhe kungene uKhansela Sikhanyiso Hlongwa we-ANC onqobe ngemuva kokukhetho lomasipala lwangonyaka odlule.
Ukubulawa ngesihluku kukaMnuz Mvubu kwenzeke nje kungapheli sikhathi esingakanani kusanda kubulawa obelikhansela lakuWard 103 okuyindawo ehlanganisa izindawo okubalwa kuzo iCliffdale, Botha’s Hill, KwaNyuswa nezinye. Naye uMnuz Mkhize kuthiwa wadutshulwa wabulawa efika nje ekhaya, eCliffdale.
Nasezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi ezaseClermont naKwaDabeka besisikhulu isililo ngokwedlula emhlabeni kukaMnuz Mvubu abantu bemchaza ngezindlela ezahlukene kodwa ebezihambisana nobuntu.
Ngesikhathi sokuloba loludaba ibingakatholakali imininingwane ephelele mayelana nezinhlelo zokubekwa kwakhe endlini yokugcina, ngaphandle nje kokuthi i-Archie Gumede Zone ikhiphe isaziso esithi, kulindeleke ukuthi namuhla, ngoLwesine ngo- 4 ntambama kube nenkonzo yesikhumbuzo ezokuba sehholo eKK, KwaDabeka.






