
BEBEPHUME ngezinkani abezinhlaka ezahlukene zezokuphepha komphakathi emkhankasweni wokuqashisa ngobugebengu, ePinetown entshonalanga yeTheku nasezingxenyeni ezakhele lelidolobha.
Umkhankaso wokuqwashisa ngobugebengu ubuhlanganise amaphoyisa asesiteshini ePinetown, izinhlaka ezahlukene zezokuphepha ngokubambisana noMnyango wezokuPhepha nokuXhumana koMphakathi, uphiko lukamasipala weTheku olubhekele ukuhlala kwamadolobha ephephile, iSafer Cities, iCommunity Police Forum kanye nezinkampani zonogada ezizimele.
Obekubalulekile bekuwukuxwayisa umphakathi ngobugebengu obufana nokubamba inkunzi kuhlonyiwe, ukweba izimoto, ubugebengu be-inthanethi nobunye ubugebengu okuyizinto ezivame kakhulu ngalesi sikhathi sonyaka.
Lomkhankaso uqale eGlenugie Park, wadlulela eNew Germany wabuyela erenki yamatekisi ePinetown lapho bekukhishwa khona amapheshana anamasu okuqwashisa ngobugebengu.
Kuphinde kwaqwashiswa nabashayeli bezimoto ngokuqaphela uma besondela ezimpambanweni zomgwaqo nasemarobhothini futhi baqinisekise ukuthi amafasitela abo avaliwe kahle futhi iminyango ikhiyiwe njengoba ngalesi sikhathi sokusondela kwamaholidi okuphela konyaka baba yizisulu zobugebengu.
Ngokusho kukaKapteni Bongumusa Manqele lo mkhankaso uyingxenye yemikhankaso eqhubekayo ezweni lonke yamaphoyisa lapho eqwashisa umphakathi ngokuhepha ngesikhathi samaholide kaKhisimusi.






