
INKATHA Freedom Party (IFP) ithi seyimi ngomumo ukuqhuba izinhlelo zokuthuthukiswa komphakathi kuqhutshekwe nokuthuthukiswa kwezimpilo zabantu, eThekwini, njengoba yona ikwazile ukugcina amawadi ebivele iwaphethe ngemuva kokhetho lwango-2016.
Lokhu kuvele engxoxweni ebiphakathi kobe ngumholi wamakhansela e-IFP eMkhandlwini weTheku, uMnuz Mdu Nkosi, othe noma kwezinye izindawo bekhala njengawo wonke amaqembu kodwa bakwazile ukugcina lawo mawadi abebevele bewaphethe.
Ngaphezulu kwalokho sikwazile ukuthi nesibalo sithi ukukhuphuka uma siqhathaniswa nesangehlandla lamakhansela eledlule, wathi lokhu kusho kusho ukukhuphuka kwesibalo samakhansela e-IFP emkhandlwini.
Njengoba i-ANC ingakwazanga ukuthola isibalo esanele sokuphatha uMkhandlu ngokuzimela nokuzodinga ukuthi yakhe umshado namanye amaqembu noma nelinye lamaqembu, uMnuz Nkosi uthe, bona basebenze ngendlela ukuzuza lesi sibalo abasitholile futhi abanankinga balindele noma yini.
Kuphela umkhombandlela wokuthi bazosebenza nobani uma kuwukuthi bafuna ukwakha umshado lokho kuncike kwizinhlaka ezifanele zeqembu okuyizona ezizobanika umkhombandlela, futhi uma zithi akukho findo lomshado ezizolakha nelinye iqembu nalokho bakulindele ngoba abanankinga kuphela sebeqala ukusebenzela isigaba esilandelayo.
Ephawula ngokwehluleka kwe-ANC ukuthola amavoti anele ukuze ikwazi ukuqhubeka nokuqhoqhobala uMasipala weTheku uthe, “ungaba uGoliyathi kodwa ekugcineni uyawa bhu phansi,”. Nakuyo i-ANC kwenzeke kanjalo ibingakulindele ukuthi ingashayeka ngalendlela, abantu bakhombisile ukuthi sebelahle ithemba ngokungafezwa kwezethembiso”.
Uthe iTheku liyidolobha elikhulu elithola izizumbulu zemali, kodwa kuyihlazo ukuthi liyaxathuka, kunabantu abalala ezitaladini, abachamela emigwaqeni okungabe konke lokhu kuyalungiswa.
Uthe ubugebengu ngezinye zezinto eziyinkinga kakhulu okusadinga ukuthi kubekwane nazo ngoba zinciphisela leli dolobha izivakashi okuyizona eziletha umnotho.
Uthe konke lokhu kudinga ukuhlalelwa phansi kuhlelwe ukuthi kungabhekwana kanjani nakho ngoba kuyakhombisa ukuthi akukho alukho uhlelo oliucacile lwezokuphepha, wabonga bonke abavotele iqembu le-IFP wathembembisa ukuthi bazoqinisekisa ukuthi abaguquki ezethembisweni zabo abazethembisile ngesikhathi bekhankasa.






