Izakhamuzi zethule izikhalo kuSihlalo we-IFP

0
95
UMnuz Thami Ntuli uthembise izakhamuzi zaseMalukazi ukuthi i-IFP izophendula izikhalo zazo

IZAKHAMUZI zaseMalukazi zisakhala ngokungazitholi izindlu zomxhaso, zithi azisasiboni isidingo sokuvota ngoba zisakhala ngezinkinga ezifanayo nezazibhekene nazo ngaphansi kukahulumeni wobandlululo.

Ngaphezu kwenkinga yezindlu, ziphinde zakhala ngenkinga yamanzi, imgwaqo kanye nemisebenzi. Ziveze lokhu ngenkathi ubuholi be-Inkatha Freedom Party (IFP) buhambele kule ndawo ukuyokwazisa izakhamauzi ngomqulu wayo wezethembiso. Kubaholi bekukhona uMnuz Thami Ntuli onguSihlalo we-IFP, uKhansela Mdu Nkosi ongumholi wekhokhasi ye-IFP kuMasipala weTheku, uMnuz Wilson Ntshangase nabanye. Abaholi baphinde bahambela eMalahleni, iKwaMgaga nakwezinye izindawo zaseMlazi.

UNtuli uthe bayaqonda ukuthi kuningi okukhalisa izakhamuzi kodwa okusemqoka ukuthi zivote ukuze zizokhetha abaholi abazozisukumela phezulu izikhalo zazo. Uthe ukungavoti kuholela ekutheni kuphinde kubuye abaholi abangawusebenzeli umphakathi. “Indawo yaseMalukazi siyiqoke ngenxa yezinga eliphezulu lobumpofu nokungahleleki kwayo. Asikuboni kukuhle ukuthi emva kweminyaka engu-27 izwe lathola inkululeko abantu bakithi basaphila ngaphansi kwezimo ezimbi njengalezi,” kusho uNtuli. Uthembise ukuthi leli qembu lizophendula zonke izikhalo zabantu, futhi alikho ikhansela elizongenzi kahle ngoba ukusebenzela umphakathi ngokuzikhandla nokuzithoba kuwumgomo wawo wonke umuntu omele leli qembu. “Sikubone kubalulekile ukuthi sihambele kulezi zindawo ngoba sekuphele isikhathi eside ziphethwe iqembu elilodwa kodwa awukho umehluko ezimpilweni zabantu bakithi. Sinxusa abantu ukuba besivotele ukuze bezobona ushintsho,” kusho uNtuli.