
UKUTSHALA izihlahla kungenye yezinto ezibalulekile ekulweni nenkinga yokuguquguquka kwesimo sezulu ngendlela engaqondakali, kusemqoka ukuthi wonke umuntu azinikele nasekuvikeleni imvelo ngokusebenzisa izindlela ezifanele zokulahla imfucuza.
Lona umyalezo owedluliselwe kubafundi baseBright Future Special School enyakatho yeTheku ngenkathi kuqhutshwa umkhankaso wokuqwashisa ngale nkinga obuhlanganise uMnyango wokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha nezeMvelo kulesi sifundazwe kanye nophiko lwezamaPaki, ukuNgcebeleka namaSiko kuMasipala weTheku. Lokhu kwenziwe ngaphansi kwesiqubulo esithiForest Restoration: a path to recovery and well-being. Ugqugquzela kakhulu ukuthi kutshalwe izihlahla zemvelo eNingizimu Africa (indigenous) ngoba zisengcupheni yokushabalala. Abafundi bachazelwe kabanzi nangendlela yokunakekela izihlahla. UNks Nomalanga Hlophe obemele umnyango, uchazele abafundi ngobuhle bokutshalwa kwezihlahla. Uthe kuhle ukuthi umuntu ngamunye ebe nesihlahla asitshalile ngoba kudingeka ukuthi zibe ziningi ezitshalwayo ukuze kuzokwenzeka umehluko odingekayo.
“Sithola impilo ezihlahleni. Zisihlinzeka ngomoya esiwuphefumulayo, ziphinde zivikele nokuguguleka kwesihlabathi. Kusemqoka ukuthi siqhubeke nokutshala izihlahla, siphinde sifundise nabanye ngokubaluleka kwakho,” kusho uNks Hlophe ebhekise kubafundi. UMnuz Thami Kunene oyiBamba leMenenja yophiko lwezamaPaki ukuNgcebeleka namaSiko kumasipala, uthe umasipala unqume ukubambisana nesikole kulo mkhankaso ngoba bazama ukukhuthaza abafundi ukuthi bebe ngamanxusa okunakekelwa kwemvelo. “Siphosela inselelo onke amalungu omphakathi ukuba etshale izihlahla, angazinqumi nalezo ezikhona ngoba nazo zibalulekile. Okungenani igceke ngalinye kumele kube nesihlahla esitshalwayo. Asizifundise ukunakekela imvelo ngokwenza okufanele,” kusho uKunene. Uthishanhloko walesi sikole uMnuz Sipho Nkosi, uthe isikole siyakwamukela, futhi siyakukhuthaza ukukhunjulwa kwabafundi abaphila nokukhubazeka ezinhlelweni zomphakathi. Uthe ukuhlanganyela ndawonye kunomthelela omuhle ezimpilweni zabo, kubabuyisela nangokuzethemba.






