
LUSAQHUBEKA uhlelo lweDurban Business Fair (DFF) oseludonse iminyaka engu-9 lokuqeqesha abasiki bengqephu abasafufusa oluqhutshwa iFezile Fashion Skills Academy (FFSA) KwaMashu.
Olwakulo nyaka lwaqala ngoJuni, kulo kuqeqeswa intsha engu-21. Luzodonsa izinyanga ezingu-6. Lena indlela yokuqinisekisa ukuthi abasiki bengqephu banalo lonke ulwazi abaludingayo ukuze bezozithuthukisa. Bafundiswa ngezinhlobo zezindwangu, ukudwetshwa kwemisiko ingakathungwa, ukuhlanganiswa kwemisiko kanye nobuchwepheshe besimanjemanje obusetshenziswa kulo mkhakha. UNks Fezile Mdletshe onguMsunguli walesi sikole, uthe ngaphezu kolwazi olubalulekile lokubacathulisa, baphinde bafundiswe ngamabhizinisi ezemfashini ngenhloso yokuthi bekwazi ukuzisungulela amabhizinisi wabo. “Emasontweni ambalwa edlule sigxile ekufakweni kwezicelo zoxhasomali, ukukhangiswa kwamabhizinisi ezinkundleni zokuxhumana, ukuhlelwa kwamabhizinisi kanye nokuphathwa ngendlela kwemali,” kusho uMdletshe. Lokhu kuhambisane nezifundo zezimali, ezokukhangisa, ukukhuliswa kwebhizinisi, kanye nokuphathwa kwamabhizinisi. UMdletshe uthe isizathu salokhu ukuthi laba abakabi nalo ulwazi abaludingayo ngokwenza imali ngamabhizinisi kwezemfashini.
Kulo nyaka kuzokhiqizwa abasiki abazokhiqiza imisiko ehambisana nesikompilo lase-Afrika ezohlonishwa umhlaba wonke. “Sibakhuthaze ukuba beqhamuke nohlelo lokuheha uhlobo lwamakhasimende abawafunayo,” kuqhuba uMdletshe. Ukufeza lokhu, bonke abasiki bengqephu bazokwakha kabusha amakhasi wabo kwizinkundla zokuxhumana ukuze ezoba nesithunzi, abakhele igama njengabasiki bengqephu abahloniphekile. “Sekumenywe ungoti wezimali ozokweluleka abasiki ngezimali kanye nommeli ozobafundisa ngezinkontileka ukuze bezokwazi ukuvikela bona namabhizinisi wabo. Sizobafundisa nangokubaluleka kwezokusakaza,” kusho uMdletshe. UNks Thembeka Mathonsi oqeqeshwa kulolu hlelo, uthe ufunda okuningi kulo njengoba okuningi ngengqephu wazifundisa yena. “Uqeqesho lunginike intshisekelo. Sengikulungele ukudlondlobalisa ibhizinisi lami,” kusho uMathanso. UNks Nonku Mthembu oyiPhini leNhloko yoPhiko lwamaBhizinisi amaNcane kuMasipala weTheku, uthe lolu hlelo lubalulekile ngoba lusiza abasiki bengqephu abancane ngolwazi abaludingayo ukuze bezozakhela igama kulo mkhakha.






