UMNDENI oshelwe umuzi nayo yonke impahla yawo, ucela usizo ngokwakha kabusha indlu yawo, uthi nakuba kukuningi okudingayo kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi ube nophahla olala ngaphansi kwalo.
Umndeni kaNks Tholiphi Zikhali wakwa-N eMlazi, usulala komakhelwane ngenxa yalesi sigameko esenzeka emasontweni amabili edlule. Lo muzi washa ngemuva kokuthi kukhanyiswe ikhandlela ngenkathi kuhambe ugesi, ababesendlini bazumeka bengakalicishi. UZikhali uthe nakuba alibikela ikhansela le wadi, walandela nazo zonke izeluleko elamutshela zona kodwa kuze kube imanje akaze eluthole usizo. Uthi ubonga ukuthi ekuqubukeni komlilo akekho owalimala njengoba kwakunabazukulu ababili endlini. “Umusa kaNkulunkulu wavikela izingane zami, zaphuma zingenamyocu nakuba zazeqa amalangabi. Izinhlangano eziningi nomakhelwane sebenginikelele ngesikudingayo, sekusele ukuthi ngithole indlu kuphela,” kusho uZikhali.
UZikali unikelelwe ngezipontshi, izingubo zokulala nezokugqoka, kanye nezijumbana zokudla. Uphinde wathola imali engu-R1 000. Kwizinhlangano ebezibambisene ukumsiza kubalwa iScars are Blessings Foundation, Gift of the Givers, Tiny Steps, Food for Life nezinye. UMnuz Themba Smillo weScars are Blessings Foundation okuyiyo eshaye ikhwela ngosizi olubhekene nalo mndeni, uthe ukhathazekile ngokuthi usehambe waze waba mfishane kodwa akukho okucacayo ngohlelo lokwakhela lo mndeni indlu. “Esesikudinga kakhuulu ukuthi okungenani uthole othayela bokwakha indlu yesikhashana. Umndeni unakho konke okwasendlini kodwa ayikho indawo ozokubeka kuyo. Akukuhle ukuthi abantu bengabi nayo indawo abayibiza ngekhaya,” kusho uSmillo.
UNks Naadia Sheik Hameed onguMsunguli weTiny Steps enikele ngezingubo zokulala, izijumbana zokudla kanye nezipontshi, uthe bayafisa ukuthi lo mndeni uthole usizo ukuze impilo izosheshe ibuyele kwejwayelekile. “Siyalijabulela ithuba lokwenza umehluko kwisimo esibi esisabhekene nomndeni wakwaZikhali. Siyakubonga ukuthi akekho olimele nolahlakelwe umphefumulo wakhe kulo mndeni,” kusho uSheik Hameed. UZikhali unxuse kwizinhlangano nosomabhizinisi, kanye namalungu omphakathi wonkana angaba namandla okumsiza ukuba elekelele lo mndeni, wathi bazokwamukela yonke inhlobo yosizo abalutholayo. Onesifiso sokuxhumana naye angashayela ku-083 504 7210.








