Babhunge ngezindlela zokuvikela abantwana

0
177

NGENXA yokubaluleka kokuvikela abantwana amaphoyisa esiteshi saseMlazi kuphiko lwezokuXhumana babambisane nosonhlalakahle beDurban Life Line abasebenzela esibhedlela iPrince Mshiyeni, kwisikhungo iThuthuzela Care Centre ukuze bambunge ngezindlela abangazisebenzisa ukuvikela abantwana.

Lo mhlangano bawubambe ngemuva kokusongwa kweviki eligqugquzela ukuvikelwa kwabantwana eligujwa iNingizimu Afrika yonke iNational Child Protection Week. UConstable Sithobile Nyoni wophiko lwezokuXhumana kumaphoyisa aseMlazi uqale ngokuthi achaze ngeNational Child Protection, ukuthi yasungulwa umnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kuleli ngo-1997, kanti ihlose ukuthi igqugquzele ukuvikela abantwana, nokwenza isiqiniseko sokuthi banakekelekile zikhathi zonke. UConstable Nyoni uthi kungumsebenzi wamaphoyisa ukuvikela abantwana, ngakho benza ngokusemandleni ekutheni babagcine bephephile. UNks Nompumelelo Cele ongusonhlalakahle weDurban Life Line ukhumbuze umphakathi ukuthi akusiwona umsebenzi wamaphoyisa kuphela ukivikela abantwana ekutheni babe yizisulu zokuhlukumezeka kodwa nomphakathi ungadlala indima enkulu ekutheni abantwana baphephe. Ugqugquzele umphakathi ukuthi ungathuli ufele ngaphakathi uma ubona isigameko sokuhlukunyezwa komntwana. “Noma kungathiwa ingane yamakhelwane wakho ehlukunyezwayo, musa ukuthi lolu daba alukuthinti, ngiyacela lubike ukuze kusizakale umntwana,” kusho uNks Cele.

Uqhube ngokuthi achaze kuyini ukuhlukumezeka, wathi kwenzeka ngesikhathi kunomuntu owenza into kuwena ongayithandi, ekwenza usabe, ekulimazayo kanti lowomuntu usuke ekuphoqelela ukuthi wenze into ongayithandi. Phakathi kokuhlukumezeka okukhona kubalwa ukuhlukunyezwa ngokushaya, ukudlwengulwa, ukuhlukunyezwa ngokomoya, ukunyukubezwa ngokocansi nokunye okuningi. Ugqugquzele umphakathi ukuthi usebenzise isikhungo iThuthuzela Care Centre esePrince Mshiyeni Memorial hospital ukuze bathole usizo uma bebhekene nesimo esifana nalesi. UConstable Nyoni uthe kunohlaka ngaphakathi emaphoyisa olusingethe amacala athinta abantwana abaneminyaka engaphansi kuka-18, iFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences unit (FCS). Uveze ukuthi kusebenza abaSeshi abaseqophelweni eliphezulu abaphenya amacala athinta abantu besifazane nezingane, kanti benza isiqiniseko sokuthi abatholakala benecala bathola isigwebo esibafanele. Umphakathi kuthiwa ungasebenzisa lezinombolo ukuze uthole usizo iDurban Life Line  etholakala ubusuku nemini ku-031 312 2323 okanye kaWhatsApp ku-0836392323 noma ngezikhathi zomsebenzi 031 303 13 44. UConstable Nyoni uthe abantwana yize benamalungelo kodwa abawasebenzise ngendlela efanele, wathi abasebenzise iChildline 0800 055 555, uma befisa ukubika ukuhlukumezeka.