Izeluleko ngokuphuma kwabantwana ebandleni kugcotshwa umholi

0
119
Belulekwe ngokuthobeka abebandla iChristian Fellowship Church In Africa, egatsheni Osindisweni, eLindelani, enyakatho yeTheku.

KUQINISWE kakhulu ekuqapheleni izinto ezenza abantwana baphume emabandleni ngesikhathi kugcotshwa uMphostoli TA Mtolo nokwakhe uLady Apostle TO Mtolo esikhundleni sokuba ngabaholi bebandla iChristian Fellowship Church In Africa, egatsheni Osindisweni, eLindelani, enyakatho yeTheku.

Umcimbi wokugcotshwa kukaMphostoli Mtolo nowakwakhe esikhundleni sokuba nguBhishobhi kuleli bandla obusehholo lomphakathi eNtuzuma esigcemeni kwa-B ngeSonto ubuhlanganiswe nokugcotshwa kwabefundisi abane, abavangeli abane kanye nabaqondisi bebandla. Ethula izeluleko, Solwazi Archbishop JM Ncube ngaphambi kokuba gcoba ufunde incwadi ebiqondene noBishop Mtolo kanye noLady Biship Mtolo kwabase-Efesu 6:1;2; 3;4. “Akwenzeki ukuthi kube khona abantwana ubaba nomama bengekho. Kodwa lapha akukhulunywa ngabazali nje, kodwa kukhulunywa ngabazali bakaMoya, baseNkosini. Isikhathi esiningi sikhuluma kakhulu ngabantwana. Kanti inkalankala encane ikekela nje kungenxa yale endala. Yingakho nje namhlanje kufika ukuthi angibayeke laba abancane, ngibhekana nani enibadala,”kusho uSolwazi Ncube. Uthe abaningi abantwana baze bathathe isinqumo sokuphuma emabandleni, bengakhishwa yizono bekhishwa yilaba abaholi. “Ayikho into ebuhlungu njengokuba ngunkosikazi kaBhishobhi okuthi uma kufika izingane kuwe noma zilindele ukuthi uzozigona ufike uzikhahlele,”usho kanje. “Akusibona bonke abantwana abasuke beshiya amabandla ngoba bengokhanda shisa, inkinga isuka la kunina boyise ngokuthi ningabe nisabanakekela ngendlela yakhona. Bayanidinga laba bantwana ukuze bakhule eNkosini nasemsebenzini wayo,”kugcizelela uSol. Ncube.

Eluleka abefundisi nabavangeli abebegcotshwa uthe, isibusiso sabo sikubaba uMtolo hhayi kubaba uNcube noma kuMfundisi oshumayela kakhulu kuthelevishini. “Izibusiso zenu nokuphumelela kwabantwana akubaholi babo emabandleni, lapha kinina ngizothi akubaba uMtolo. Ayikho into eyokulungelela mhlazane wamelana nomzali wakho wakaMoya. Uma sikugcoba noma ungafunda ube neqhuzu emkhatheni othile kwezemfundo noma esikoleni sebhayibheli kodwa isibusiso sakho uzosithola kumholi wakho osebandleni,”usho kanje. Ubekhuluma ngemuva kokuvula izincwadi ezimbili zokubaluleka, Izaga 13:1 kanye neZaga 12: 1. “Bavangeli bami, befundisi bami, othanda ukuyalwa, othanda ukwazi, ozonda ukusolwa uyisiwula. Kungabe uyakwamukelwa ukuyalwa noma ukusolwa kodwa uma uzozitshela ukuthi mina nginesiphiwo, sihle sona isiphiwo kodwa siyingozi uma sizokuxabanisa nomphathi wakho,”kuxwayisa uSol. Ncube, othe indodana ehlakaniphileyo iyayalwa nguyise kepha isedeleli, asifuni nakuzwa, wathi uma befuna ukuphumelela kufanele bathobele iziyalo. Ekhuluma ebhekise kumama webandla uthe, “Mama Mtolo sengathi uNkulunkulu angakusiza udlale indima yakho yokuba ngumama ebandleni, ubathande noma bengasakuthandi, ubathande noma sebekukhuluma, ubathande noma sebekukhomba ngeminwe. Isizulu sithi asikho isilima esindlebende kwaso”.

“Amabandla amaningi achithekile ngoba indlela eza kumholi idlula kumama, indlela eza kuMtolo idlula kuwe mama Mtolo. Uma uvala zonke izintuba liyophela ibandla. Baba Mtolo uyakholwa ukuthi lokhu kuyintando kaNkulunkulu, futhi ngeke abantwana balimale ngenxa yakho, kusukela manje kufanele uqinisekise ukuhamba ekukhanyeni ube yisibonelo esihle,”uphethe kanje. Ngaphambi komsebenzi wonke uDkt. Bishop NM Dube wethule intshumayelo yosuku abeyiseke ngezwi leNkosi acaphune kuGenesis 28:11,12,13, 16-17 ingqikithi yentshumayelo yakhe ibithi uma uphuphile yini ovuka uyifunde. Lomgcobo ubusiswe ukubakhona kwabaholi abehlukene bamabandla ezenkolo, okubalwa uSenior Bishop Dr LA Dlamini, uSenior Pastor J Khumalo, ukukha nje phezulu ngokunjalo nengxenye yobuholi besikhungo sekolishi lezenkolo iHoly Nation. Bekukhona namalungu alelibandla abeqhamuka emagatsheni ahlukene kulesi sifundazwe.