
NGAKUBE ukhona obesekutshelile ngelinye ithuba lokubhalisela amakhono emkhakheni wezempilo esikhungweni esisePinetown? Uma ungakazitholi lezi zindaba siyakwazisa-ke ukuthi lisekhona nawe ungaphuthuma ukuze uzibekisele indawo ngoba nethendele elisuka kamuva likholwa yizagila.
NgoMsombuluko Juni 7, kuzobe kwamukelwa abafundi abasha futhi bechazelwa kabanzi ngokwenze babekulesi sikhungo nokuthi yini inhloso ngabo, kanye nokubheka ukuthi sona sesihambe ibanga elingakanani. Nawe leli yithuba lakho ukuze ukwazi ukuqala kahle ikilasi ngoJulayi. IZiphathe Training College (ZTC) enesiqubulo esithi “Hloma ngeMfundo ehambisana namaKhono” isebhilidini iTotal Square esitezi sokuqala nokuyibhilidi lesiteshi iMbokodo FM, ku-16 Dale Avenue ePinetown. Phakathi kwezifundo ezitholakala kulesi sikhungo yiHealth Promotion (Occupational Certificate) kanye neCommunity Health Care Work (NQ Level 3).
Lezi zifundo zithatha unyaka owodwa. Okuhle ngalezi zifundo ukuthi noma ungaliphasanga ibanga leshumi ufisa ukwenza okuthile kodwa owazi ukuthi yikuphi wamukelekile. Ngakho ke leli yithuba lakho lokuthi wenze lezi zifundo kulesi sikhungo esinothisha abawuqeqeshelwe umsebenzi wabo futhi ababhaliswe ngokusemthethweni kuhulumeni. Uma ufuna ukuthola kabanzi ungashayela kulezi zinombolo ezithi: 031-0230821/ 0835032794, 0633580375 (eka-whattsap kuphela) noma uxhumane nabo nge-email: ziphathecollege@gmail.com






