Zisangena zilandelana izilokotho benqoba kuma-Grammy Awards

0
109

ZINGENA zilandelana izilokotho ezibhekiswe kuZakes Bantwini, Nomcebo Zikode noWouter Kellerman abahlomule ngendondo yeBest Global Perfomance kuma-65th Annual Grammy Awards abeseLos Angeles, eMelika, ngeSonto, ngengoba yabo esihlobo sithi Bayethe.

Ukunqoba kwalaba bobathathu kujabulise kakhulu abantu baseThekwini ngenxa yokuthi ababili babo bangabokudabuka khona la, uZakes Bantwini ungowokuzalwa KwaMashu enyakatho yeTheku kanti uNomcebo Zikode ungowokuzalwa eMpumalanga, eHammersdale entshonalanga yedolobha. Izinhlangano ezehlukene zamaciko nezinhlaka zikahulumeni sezichaze laba njengesibonelo esihle kubantu abasha.

Ethula inkulumo emva kokwamukela le ndondo, uZakes Bantwini ogamalakhe langempela uZakhele Madida, uthe ufisa ukuthi bonke abantu abasha basezindaweni zasemakhaya nasemalokishini, kanye nabaphuma emakhaya ahlwempu, kumele bazi ukuthi onke amaphupho wabo angafezeka uma bengazinikela ekuwafezeni, besebenze ngokuzikhandla.

“Okwenzeka njengamanje kumele kutshengise wonke umuntu ose-Afrika ukuthi wonke amaphupho wabo abalulekile. Zonke izingane ezisemalokishini nasemakhaya kumele zazi ukuthi akukho okungafezeki. Uma ngikwazile ukufinyelela kuleli zinga, akekho ongehluleka ukwenza kangcono kunami,” kusho uZakes Bantwini.

Bagqugquzele intsha ngokubaluleka kokulwela ukufezeka kwamaphupho emva kokunqoba kuma-65th Annual Grammy Awards