
NJENGOBA kuningi okwenzeka ngemuva eNaturena, iKaizer Chiefs izingqapheli kwezemidlalo zithi, kumele izithathe ngandlela thize ukuzama ukugwema ukuhlulwa okwesihlanu kulandelana kuDStv Premiership uma kuhlanginiswa nomphumela womdlalo esilobe izolo ungakatholakali.
Emuva kokuphuma kwakamuva kukaStuart Baxter, noNjabulo Ngcobo ngesikhathi ekhishwa, Amakhosi aseqinisekise ukumiswa komdlali ohlaselayo uDumisani Zuma okwesibili kule sizini. Kushaye isikhathi sokushiocilela izolo ngoLwesibili ungakatholakali umphumela womdlalo weChiefs kanye neMarumo Gallants obuseFNB Stadium ebusuku. Lomdlalo ubulandela ngemuva kokuhlulwa kane kulandelana kweChiefs emidlalweni yePremiership. Umdlali wasesiswini waMakhosi, uPhathutshedzo Nange, ugcizelele ukubaluleka kokuthi abadlali benze umsebenzi wabo, phezu kwakho konke ukungalungi okukhona ngempahla yaseNaturena.
“Ngeke ngikhulume kakhulu ngabo sizogxila kithina, ngiyazi ukuthi uma senza okukhulu akusho lutho ukuthi sibhekene nobani, kumele senze isiqiniseko sokuthi siyawenza umsebenzi wethu futhi okusalayo kuzosibhekelela. uqobo,” kusho uNange ekhuluma nomnyango wezindaba waMakhosi. “Siyiqembu sineqembu elihle, sinabadlali abaseqophelweni eliphezulu, kuhle ukuthi sidlale silandelana ngoba sihlulwe emdlalweni (wokugcina) sifuna ukusheshe sidlale ukuze sithole umphumela.”
IChiefs isendaweni yesihlanu emiqhudelwaneni yePremiership, namathuba okuhlungela omunye wemidlalo yamaqembu eCAF azoshabalala ngesonto. Khonamanjalo amathemba e-Orlando Pirates okuthi iqede isendaweni yesibili afiphele ngemuva kokuhlulwa ngo 1-0 yiTS Galaxy, okuqinise umkhankaso wayo wokusinda ngoMsombuluko ntambama, eMbombela Stadium. Eminye imidlalo esilobe kulindeleke ukuthi idlale izolo phakathi kwayo kubalwa oweSuperSport United neStellenbosch, eLucas Masterpieces Moripe Stadium, ePitoli, oweSwallows naMaZulu eDobsonville Stadium kanye noweSekhukhune United neMamelodi Sundowns obuse-Ellis Park.






