Uvalo ngendida yokunyamalala kwabesifazane

0
120

SEKUBUKE indida ngokunyamalala kwabesifazane okubukeka sekuqala phansi kulandela ukunyamalala kwababili oyedwa okuthiwa ugcine elibangise ethaveni omunye umsebenzi.

Ngokusho kwamaphoyisa bobabili laba besifazane bagcine ukukhuluma nonina, omunye ulibangise ethaveni omunye eyofuna umsebenzi.

Esigamekweni sokuqala amaphoyisa akwaNongoma acele usizo lokuthola owesifazabe oneminyaka engu-24 ubudala waKwaNongoma esilahlekile. UThandeka Ncebo Khumalo waseMememe kuthiwa ubikwe emaphoyiseni ngunina ukuthi uduke ngoMgqibelo. Ngokusho kwamaphoyisa unina ugcine ukukhuluma naye ngoJuni 16 ngezithuba zabo-9 ebusuku.  “Utshele unina ukuthi useya endaweni yokucima ukoma,” kusho okhulumela amaphoyisa uConstable Thenjiswa Ngcobo.

UKhumalo ubegqoke ijean eluhlaza okwesibhakabhaka, amabhuzu amnyama, itop eluhlaza kanye nesikhwama esimnyama. Ulinganiselwa kumamitha angu-1,5 ubude, mncane ngomzimba, unezinwele ezinde. Onolwazi angathinta uDetective Sergeant Musa Mnguni emaphoyiseni akwaNongoma ku-073 291 6004 / 035 836 1024/5/6 noma iCrime Stop ku-0860 010 111.

* Amaphoyisa aphinde athungatha uMandisa Mandy Portia Shezi (27) waseDassenhoek ngaseMariannhill, entshonalanga yeTheku. UShezi kuthiwa naye udukile unina ugcine ukukhuluma naye ngoMeyi 27.

“Utshele unina ukuthi uya eMnyangweni wezaManzi kuMasipala weTheku. Wayebone isikhangiso somsebenzi kuFacebook futhi wayewuthanda. Umakhalekhukhwini wakhe uvaliwe,” kusho uConstable Ngcobo.

Ngesisikhathi ephuma ekhaya kuthiwa , wayegqoke isiketi esiwumbala osampetshisi, i-fawn vest nezicathulo ezinsundu. Uyakhanya ngebala, mude futhi unezinwele ezimfishane.

Ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi angathinta uDetective Warrant Officer Sithebe wamaphoyisa aseMariannhill SAPS ku-078 496 1527 noma athinte uCrime Stop ku-0860 010 111.