
UKHANSELA Zama Sokhabase onguSihlalo wekomidi elibhekele iMisebenzi yoMphakathi kuMasipala weTheku, useveze ukuthi uzoqinisekisa ukuthi izinhlelo zokuthuthukisa izimpilo zabantu zisebenza ngendlela efanele, benikelele ngezinsiza abazidingayo bephinde beqeqeshwe amakhono.
Usho kanje ngenkathi ehambise umnikelo wezihlalo ezinamasondo ezingu-64 kwizakhamuzi zaseMatikwe, eNanda. Izihlalo bezinikelwe inhlangano i-Inkarise eholwa uMfundisi uSiphiwe Shezi. Lokhu kwenziwe ngenhloso yokubuyisa ithemba kwizakhamuzi eziphila nokukhubazeka. Bonke abantu abahlomulile abebeqokwe amakhansela kanye nabantu abanakekela umphakathi. UShezi uthe kubanikeza intokozo ukwazi ukuthi benze umehluko ezimpilweni zabantu. Uthe kusemqoka ukuthi umphakathi ubambisane, wathi lesi isona sizathu esamenza wakhetha ukusungula le nhlangano. UKhansela Sokhabase uthe iKomisi leMsebenzi yoMphakathi lizosebenza ngokuzikhandla ukuze kuzoguquka izimpilo zabantu. “Besihlose ukusiza abantu abaphila nokukhubazeka bekwazi ukuhamba kalula. Njengekomidi, sizibophezele ekutholeni izinto ezidinga ukuthi kungenelele umasipala ukuze sizokwakha impilo engcono,” kusho uSokhabase.






