
Umfisela isigwebo esinzima ‘obulale’ unina ngesihluku
UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi kulesi sifundazwe, uNkk Nonhlanhla Khoza, uthumele amazwi enduduzo emndenini wakwaXaba kulandela ukubulawa ngesihluku kukaNkk Greta Xaba, KwaDabeka entshonalanga yeTheku.
Kusolakala ukuthi indodana kaNkk Xaba, uConstable Lungisani “Mazambane” Xaba (46) oyiphoyisa elisebenzela esiteshini samaphoyisa KwaDabeka umshiye kanzima ngepulangwe ebelinezipikili emvalele endlini ngempelasonto ngempelasonto eyedlule. Umsizi kagogo nengane encane abebesendlini kuthiwa basizwe ukuthi baphume ngefasitela bayocela usizo komakhelwane.
Kuthiwa uConst. Xaba ubejwayele ukuhlukumeza unina, kodwa wayehlale enqaba ukuvula amacala noma avumele noma ngubani ukuthi akhulume ngokuhlukunyezwa kwakhe yindodana.
UNgqongqoshe uKhoza ukugxekile ukuhlukunyezwa ngesihluku nokubulawa kukaNkk Xaba yingane yakhe. “Kuyadabukisa kakhulu ukufunda ngokushaywa ngesihluku kwesakhamuzi, okugcine sekuholele ekufeni kwaso. Kunzima kakhulu ukukholelwa ukuthi ingane ingaqhubeka ihlukumeze unina kuze kube manje.
Besingacabangi ngisho nokucabanga ukuthi iphoyisa elijutshwe ukuthi livikele abantu ababuthaka kube yilona elibandakanyeka esenzweni sobugebengu obufuze lesisehlakalo,” kusho uNgqongqoshe uKhoza.
Uthe okubuhlungu kakhulu ukuthi umama uXaba kudingeke ukuthi alahlekelwe yimpilo yakhe ekubeni omakhelwane bengakaze bazame ukumhlenga kulesi sihluku esenzeke iminyaka.
“Kuyishwa ukuthi asikwazanga ukuvikela uXaba enganeni yakhe eyisihlukumezi. Sithola induduzo ukuthi leli phoyisa liboshiwe manje. Sifuna ukulibona ligwetshwa udilikajele ngesenzo salo. Ukuthi ubelokhu eshaya unina njalo kukhombisa ukuthi ubehlose ukumbulala. Sicela agwetshwe kanzima owesilisa onjalo futhi ngeke sikwazi ukuthi abantu abanjalo bahlale emiphakathini,” kusho yena.
Ithimba losonhlalakahle selithunyelwe emndenini wakwaXaba ukuyohlinzeka ngokweseka ngokwengqondo. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe ngo-10.30 ebusuku ngoMeyi 6, amaphoyisa athole imininingwane yokuthi kushaywa isalukazi esineminyaka engu-70 emzini waso KwaDabeka. “Ngesikhathi befika bathole owesilisa, 46, eshaya isisulu ngepulangwe,” kusho yena.
UGwala uthe umufi uthole imihuzuko eminingi wabe esephuthunyiswa esibhedlela washonela khona. Uthe umsolwa waboshelwa icala lokubulala wavela eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoMsombuluko.
UGwala wengeza ngokuthi njengoba umsolwa eyiphoyisa, idokodo selithathiwe. idluliselwe ophikweni oluzimele lophenyo lwamaphoyisa ukuze kuqhutshekwe nophenyo.






