UMama uSiphithiphithi ezinyathelweni zikaMadiba

0
144
UDkt. Nomusa Mam Siphithiphithi Madlala ongowesine ukusuka kwesokunxele ekanye nabantwana okulindeleke ukuthi babeyizimbali zezwe kusasa

UBUKEKA uyangokudlondlobala umkhankaso kaDkt. Nomusa uMama uSiphithiphithi Madlala wokucabela ikusasa eliqhakazile kubantwana bamantombazane abasakhula ngaphansi kwenhlangano yakhe iSakha Isizwe Ngomuntu Wesifazane (SINW) enophiko olubhekele abantwana bamantombazane abasakhula iDr N Madlala Girl Child Empowerment enekomkhulu ePinetown entshonalanga yeTheku.

Njengoba bekubungazwa uSuku lukaDkt. Nelson Mandela ezweni lonke ngoMsombuluko, kubonakale umkhakhaso wakhe uthela izithelo lapho ebenohlelo iTake A Girl Child To Work nolubonakale luthakaselwa kakhulu ngabazali bezingane kangangokuthi abanye baze bathi ngempela izithelo zalomkhankaso wakhe ziyabonakala futhi uhamba emigomweni nasezinkolelweni zikaMadiba ngokwazisa abantwana abasebancane.

Ngokusho kukaDkt. Madlala njalo uma kuvalwe izikole ngoJuni kuyakuJulayi kuye kube nohlelo lukaMiss Dr N Madlala Girl Child Empowerment and Programme lapho besuke bethathiwe bayovulwa amehlo batholelwe usizo lokuqwashiswa ngezinto ezingabaphumelelisa. “Lokhu sikwenza ngokusizwa uMnyango wezokuXhumana komphakathi. Bafike bafunde okuningi emahhovisi, njengokuphendulwa kwezingcingo, ukusebenzisa i-diary nokuthi ibaluke ngani kanye nendlela yokuziphatha nokunye okuningi.

“Lapha sisuke sithatha abantwana abasuke bedlulele kumaSemi-Final kaMiss SINW. Ngempelasonto besinohlelo lokubaqeqesha labo abadlulele esigabeni esilandelayo somqhudelwano kwi Gala Dinner ebisePinetown. Inhloso silwisana nobugebengu, izidakamizwa nokukhulelwa kwabantwana. Bazi ukuthi into akufanele bayithole ngokuthi baphiwe. Sibavula umqondo wokuthi esikhundleni sokucela, kubalulekile ukuthi bazi indlela lemali abasuke beyicela ukuthi itholakala kanjani, ukufunda ukuthi imihlangano ibanjwa kanjani, ema-boardroom,”kusho uMama uSiphithiphithi.

“Ukubona abantu abafundile bebizwa ngabaqondisi, nawe ufise ngelinye ilanga ukuthi uma usufundile ubizwe ngobasi. Ukuze ngibizwe njengobasi kubalulekile ukuthi ngifunde ngiziqhelelanise nazo zonke izinto ezingalimaza ikusasa lami njengezidakamizwa,”usho kanje.