Ukhuthaza ubumbano emphakathini ukulwa nodlame lobulili

0
71

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi kulesi sifundazwe, uNkk Nonhlanhla Khoza, usenxuse umphakathi ukuthi ubumbane ukulwa nokuqhubeka kokubulawa kwabesifazane esifundazweni.

Ekhuluma ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseCampedown, entshonalanga yeTheku, uNgqongqoshe uKhoza, ngoMsombuluko uthe amadoda kufanele ahambe phambili kuyo yonke imikhankaso okuhloswe ngayo ukunqanda isihlava se-GBV. Uthe kubalulekile ukuthi imiphakathi ingathuli, kodwa idalule bonke abathinteka emacaleni e-GBV.

UNkk Khoza ubeyingxenye yabebeyothamela ukuqulwa kwecala eliubhekene nephoyisa, uMthokozisi Nene (44) ovele kafushane enkantolo nayo ebigcwele phama amalungu omphakathi.

UNene kuthiwa udubule wabulala unkosikazi wakhe uThobeka MaMsomi Nene (41) ngesikhathi bexabana emzini wabo oselokishini laseNtshanga, entshonalanga yeTheku, emasontweni amabili edlule.

Amalungu omphakathi, amadodakazi amabili kamufi, uNgqongqoshe uKhoza, iLungu lesiShayamthetho sesifundazwe, uMnuz James Nxumalo nekhansela lakuWadi 4 ngaphansi kukaMasipala weTheku, uKhansela  Malombo Nxumalo, bebengabanye abebehambele icala enkantolo.

Icala lihlehliselwe umhlaka-13 Julayi 2022 ukuze afake isicelo sebheyili kanti uNene uzogqunywa esitokisini.

UNgqongqoshe uKhoza ushayele ihlombe inkantolo ngokunqabela uNene ibheyili, wathi abantu abafana naye kufanele bahlale esitokisini kuze kuphele isikhathi sokulalelwa kwamacala abo ezinkantolo.

“Kusijabulisile ukuthi bacubungule izinto eziningi kuleli cala, kuyacaca ukuthi ukubulala bekuhleliwe. Siphatheke kabi ngalesi simo lapho izingane zishonelwe ngunina ezandleni zikayise,” usho kanje.

Ungqongqoshe uKhoza wengeze ngokuthi bekungacabangeki ukuthi kube khona umuntu ongacabanga ukubulala umkakhe, ikakhulukazi umuntu okumele axhase umndeni.

“Iphoyisa nalo linomthwalo obalulekile wokuvikela umphakathi, kodwa leli likhombise ukungabi nanhliziyo, lazibambela umthetho ngezandla ladubula labulala owesifazane ongenacala izingane zakhe zibuka,” kusho uNgqongqoshe uKhoza.

Uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi uNene akakaze akhombise ukuzisola enkantolo njengoba engakasinikezeli ngisho emaphoyiseni isibhamu okuthiwa wasisebenzisa ukubulala unkosikazi wakhe.

UNgqongqoshe uKhoza uthe okuvezwe enkantolo kuyashaqisa kakhulu.

“Kuyasiphatha kabi ukuthi izingane zethu ziphucwe uthisha kodwa osonhlalakahle bazohlinzeka izingane zesikole, izingane ezingasekho ezizalwa nomndeni kanye nomndeni ngokwengqondo. Kuyasijabulisa ukuthi umphakathi uhlangene ukuze uphikise ibheyili yalo mlisa. Sizoqhubeka nokuliqapha leli cala kuze kube liyaphela,” kusho yena.

UNxumalo uthe umphakathi ubumi ndawonye weseka umndeni selokhu kwabulawa uNene.”Sinxusa abomthetho ukuthi benze konke okusemandleni abo ukuqinisekisa ukuthi umenzi walesi sihluku uqhubeka ebhadla ejele. Kumele abhekane nengalo yomthetho. Sifuna ukubona abesilisa benecala, begwema ukubulala abesifazane nezingane.”

UNgqongqoshe uKhoza uthe umphakathi uneqhaza okumele ulibambe ukubuyisela isimilo nokuvikela abantu abasengozini.