Ukhiphe ulozolo lwe-albhamu ye-Afro Soul

UNGAFUNGA uthi umculo we-Afro Soul yinto akade ayiqala uLindani Gumede odume kakhulu ngezingoma zomculo wokholo, kodwa okuthe uma ethula kwabemithombo yezindaba i-albhamu entsha asanda kuyikhipha kwasa ngokunye ngendlela ewonqambothi ngayo.

0
148
ULindani Gumede eqhulula amanye amanoni aboshelwe kwi-albhamu yakhe ethi, “Ithemba Lisekhona”

UNGAFUNGA uthi umculo we-Afro Soul yinto akade ayiqala uLindani Gumede odume kakhulu ngezingoma zomculo wokholo, kodwa okuthe uma ethula kwabemithombo yezindaba i-albhamu entsha asanda kuyikhipha kwasa ngokunye ngendlela ewonqambothi ngayo.

ULindani i-albhamu yakhe esihloko sithi “Ithemba Lisekhona” uyethule emcimbini obuseForest Manor Guest House, eMhlanga, eThekwini. Lomcimbi obuhanjelwe yizintatheli, abasakazi, abaculi kanye nosomabhizinisi, ubuhlelwe ngokubambisana yi-Divine Rhythm Production kanye ne CL Production futhi useqophelweni eliphezulu.

Le albhamu kaLindani inezingoma eziyi 11 esingabala kuzo ethi “Abuyanga Ubaba”; “Ngibambe Ngesandla”; ayicula ngokuhlanganyela neMalini; “Ndizela Phezulu” ayicula ngokuhlanganyela noDj Dust kanye nezinye. Echaza Lindani ngesizathu sokukhipha le albhamu uthe, “Ngiyazi ngaziwa ngomculo wokholo, kodwa ukusebenza nabanye abaculi abakweminye imikhakha, kungenze ngabona ukuthi yize sikholwa kodwa ikhona impilo engale kokukholwa.

I-albhamu yami ikhuluma ngezimo zempilo siqu sayo. Siphila esikhathini esinzima, la uthi uyathandaza uzwe kuphela wona. Abantu balahlekelwe izihlobo, yimisebenzi kanye namakhaya abo, ngakho siyadinga ukuyiqonda ngqo impilo nezingqinamba zayo. Ngale albhamu ngithi nje cha, uma usaphila, ngiyakuqinisekisa ukuthi ithemba lisekhona”.

ULindani ubonge bonke asebenzisane nabo ikakhulukazi uMnuz Mbelu nomama Mbelu be Divine Rhythm Production ngokukholelwa kuye. Uphinde waqinisekisa ukuthi akaphumile nhlobo kowokholo, nakhona usazodedela ezishisayo.