Ugqugquzela intsha ukungena koweziqandisi

0
108
UZakhe Ndabezinhle “Ndabe” Zulu imenenja yenkampani yeziqandisi

UBANI owathi umfundisi akamzali umfundisi? namuhla uZakhe Ndabezinhle “Ndabe” Zulu uyakuphikisa lokho futhi ufakazela isisho esithi ukhamba lufuze imbiza njengoba naye elandela ezinyathelweni zikaMnuz Sibusiso Bhabha Zulu onenkampani yeziqandisi ezingomahamba nendlwana, i-3A Coldrooms nokungeyokuqala yamuntu omnyama.

UNdabe oyimenenja yalenkampani ngesikhathi esafunda wayezimisele ngokungena emkhakheni wezikaqedisizungu kodwa kwaphikisana naye, wagcina eselandele ubizo lokuba kulomkhakha wezeziqandisi lapha kubhekwana nama-aircon kanye nokuwakhiwa kwamafriji angomahamba nendlwana bekususa phansi. Ngokusho kukaNdabe ufisa ukukhombisa intsha ukuthi awukho umsebenzi ongabalulelekile empilweni nokuthi ukhethelwe abathile noma uhlanga oluthile njengoba kulomkhakha weziqandisi kugcwele kakhulu abelungu besekulandela abomdabu waseNdiya. Uthi njengoba lomsebenzi wasungulwa ubaba wakhe, wamkhulisa waba kuleli zinga akulo manje ufuna yena ukuqinisekisa ukuthi inkampani yenza okungaphezulu kwalokho ayifice iyikho. Uthe akasho akusho ukuthi abekwenzi okufanele kodwa ufuna ukufaka amagalelo akhe anezezele kulokho okukhona.

“MIna no 3a Coldrooms siyinto eyodwa inkampani yasekhaya ngakhula ikhona isungulwa nguyena ubaba (uBhabha Zulu), eyiqala ngesikhathi esasebenza, kuyinto nje eyayiyitoho kuye, kwaba yinto engiyithandayo, ngagcina sengiyifundile, ngayiphikelela, ngaze ngayofika eGoli kwesinye sezikhungo, ngafundiswa ngabantu baseJalimane,”kusho uNdabe. “Kusizile kakhulu ukuthi ngiye khona esikoleni. Engingakusho ukuthi lenkampani ngiyibona iqhudelana nezinkampani ezinkulu ezidizayinayo, ama-aircondition amabhilidi amakhulu. Kungaba amabhilidi amasha noma amadala, senze nemisebenzi emikhulu hhayi izinto ezincane. Senze izitolo nama-Cinema njengoba sesiqalile ukungena kulowo mkhakha,”usho kanje.

“Okunye ngigqugquzela intsha ukuthi iqhubeke nokufunda. Futhi sazi ukuthi thina siyintsha yikuphi esikufisayo ngasiphi isikhathi, singahlali nje sicabange ukuthi izinto zizoziqhamukela ngadlela thizeni, kodwa kubalulekile ukuthi sivuke sifune into esiyidingayo ezoba yisinkwa sakusasa noma abazali bethu bengasakho kulomhlaba,”uqhubeke kanje. Ephawula ngalomkhakha weziqandisi uthe, kuwona lomkhakha khona kunzima ngoba kugcwele kakhulu abelungu, abantu abamnyama bayadingakala, nabo beyintsha kubalulekile ukuthi bangene kuwo.

“Amathuba ayavela kutholakale ukuthi abantu abamnyama abekho ukuthola lawomathuba, uthole ukuthi asethathwa ngabantu bangaphandle ngoba thina asiziniki isikhathi esanele sokubhekana nalowo mathuba. Engingakusho ngingathi kuwona lomkhakha amathuba akhona, uma siphuma sizingela siyawathola, singahlali sibheke ukuthi kukhona ozoqhamuka athi nali ithuba,”kuphetha uNdabe. I-3A Coldrooms izinze eMalvern entshonalanga yeTheku, yasungulwa nguBhabha ongowokuzalwa esigcemeni sakwa-A elokishini eMlazi, eningizimu yeTheku ayigcini nje ngokudayisa amafriji angomashamba nendlwane kodwa ibuye aqashise ngawo.