
UMPHAKATHI waseMangangeni, eShongweni Dam, entshonalanga yeTheku uchaze umzalwane webandla ii-Eternal Life Church of God ngaphansi kobuholi bukaDkt. Archbishop TL Magwaza, uNkk Hloni Shange ukaNgwane, ngesinyathelo asithathile ngoMgqibelo owedlule wokunikela ngamaphasela okudla emindenini exakekile.
Lokhu kwenzeke emvuselweni abeyihlelile nebibanjelwe ehholo lebandla iBaptist, eShongweni Dam ku-Ward 7 ngaphansi kukaKhansela Luthando Jali lapho kuzwakale umoya kaNkulunkulu uvunguza ngendlela izikhulumi ezahlukene ebeziyibeka ngayo indaba yokubeka ithemba kuMdali.
Kulemvuselelo obekungeyokuqala ukuba ibanjelwe bekutheleke abaholi abehlukene bamabandla, umphakathi, abazalwane ngokwehlukana ngokwamabandla abo. Ukupha kubonakale kuyisona sikhiye sempilo uma ungumntwana kaNkulunkulu.
Ekhuluma egameni leKhansela kulemvuselelo, uMnuz Bongani Mntambo ongunobhala wegatsha le-ANC kule ward, uthe okokuqala ucela ukuxolisela iKhansela uKhansela Jali ngokungabi yingxenye yalendumezulu yenkonzo. Uthe lokhu kudalwe ukuthi bekufanele athamele umngcwabo kazakwabo (uKhansela Mnqobi Molefe) obebekwa endlini yakhe yokugcina ku-Ward 99 eningizimu yeTheku ngosuku olufanayo.
“Egameni lekhansela ngizwakalisa ukubonga okukhulu ngalomcimbi oseqophelweni eliphezulu. Sibonga ukuthi kusekhona abantwana bakaNkulunkulu abangagcini nje ngokushumayela kodwa belule isandla kwabampofu. Akujwayelekile lokhu. Siyabonga kakhulu kuSisi Hloni ngesinyathelo sakhe. Siyacela ukuthi sengathi nabanye bangasika iphetheni endaweni,”usho kanje.
Ebuyelana kubazalwane nakubaholi bamabandla abebekhona uthe, uyakujabulela ukubona abantwana bakaNkulunkulu behlangene kanje, wathi kuyisifiso sabo ukuthi ngaso sonke isikhathi babeke emkhulekweni abaholi bomphakathi njengoba isimo sinje.
Kulemvuselelo uhlelo lwayo obeluphethwe uSenior Pastor ME Mphandane ngesikhulu isinono uLady Bishop Dkt. GT Magwaza uvule ngomkhuleko, kwathi uDkt. Archibishop TL Magwaza wemukela bonke abebeyingxenye yalenkonzo. Ngemuva kwalokho kulandele uDkt. Archbishop T Hlongwane owedlulise Izwi leseluleko ebandleni lonke, kwathi uNkk Shange wethula ingqikithi yosuku.
Akugcinanga lapho uDkt. N Ngubo obeqhamuka eMgungundlovu obehambisana nowakwakhe ukhulume waqeqebula ngamazwi obuhlakani ohambeni lokukholwa, ushayele isipikili sokugcina uNkk N Mathabela ngamazwi enkuthazo akhayo. Ngaphandle kwalokho abadumisa bebandla bebengazibekile phansi kuzwakala ukuthi kusemvuselweni.
UNkk Shange ubeke kanje ngokohlelo lwalenkonzo nokuthi kungani eyihlelile, “Udumo masiluyise kuNkulunkulu. Mina bengiyithuluzi kuphela, ngisetshenzisiwe uNkulunkulu kepha ngoba ungikhethile ngavuma. Kubalulekile ukuthi ngenze intando yakhe ngoba ngashiya konke emhlabeni ngathi nginamandla okwenza konke. Akusekho mngane, akusekho mndeni uNkulunkulu sekunguyena kuphela. Lokhu kubiza ukuthi ngihambe nalomyeni engiphila naye. Sengiyalwazi uhambo lokuba ngumfelokazi, kodwa lokho akubizi ukuthi ngizonde. Ubengashiya ngabo bonke abantu ngoba ubefuna mina.
Ngibonga bonke abaxhasile, ibandla, izinsimbi zokudumisa, umama wami uMaLuthuli ubaba uHlongwane (Dkt. Arch. T Hlongwane) ngiyabonga kakhulu. Ubaba wami kamoya uDkt. Magwaza nomama wami uDkt. Magwaza ngiyabonga kakhulu, umphakathi wasendaweni kanye neKhansela. Ubonge kakhulu abazali bakhe, isikole sezenkolo iPotter’s House lapho efunde Khona okuningi. Ungagcini ngokufunda, kodwa kufanele lokho ukwenze.
UNkk Hlongwane uzalelwe eNanda eNewtown A, ezalwa ngumama ongasekho uMaMpanza Hlongwane nobaba uT Hlongwane. Wathuthela eShongweni Dam ngenxa yomshado lapho afike khona wazibuza ukuthi kungani asuke eNanda azohlala la, kodwa lokhu bekuyicebo likaNkulunkulu ngoba obewubambo lwakhe ubesemthathile.






