Ubuye ngezinkani umculo weJazz eRainbow

0
109
UMcCoy Mrubata ozobe enza adume ngaso eRainbow

LIBUKEKA liqala ukungenisa isasasa lomculo weJazz esikhungweni sezokugcebeleka nokuphola, The Rainbow Restaurant esisePinetown, entshonalanga yeTheku ngemuva kwesomiso kabathandi bobumnandi nabalandeli bomculo weJazz obekudalwa imigomo yeCovid-19.

Ngemuva kokuxegiswa kwemigomo lesi sikhungo sibe nekhonsathi likaBheki Khoza elibe nelikhulu isasasa ngoJuni 26, lapho okubonakale kutheleka abantu abalelwa ku-200 eyethulwe ngokwesekwa yi-Concerts SA.

Njengoba umsunguli weRainbow uBen Pretorius esho esiteji: “Kuningi osekushintshile kule minyaka engu-41 iRainbow yaba khona, kodwa okubonayo nobhekana nakho ngaphakathi The Rainbow namuhla, yilokho kanye oke wabhekana nakho e-The Rainbow eminyakeni engu-41 edlule”.

Abantu abavela kuzo zonke izindawo izizinda zokuphila bahlangana ndawonye ukuze bajabulele umculo waseNingizimu Afrika osezingeni eliphezulu obonisa ubunye obusantuleka usuku nosuku ukuphila kwaseNingizimu Afrika.

Ngemuva kwaleli khonsathi kulindeleke ukuthi kutheleke esinye isihlabani somculo weJazz nebhendi yaso, uMcCoy Mrubata kanye no-Andile Yenano. Leli khosathi kulindeleke ukuthi libe ngeSonto elizayo, Julayi 31, kusukela ngo-1 ntambama. Kuzobe kungenwa ngo-R150 emnyango, kanti namathikithi aseyatholakala ezikhungweni eziwadayisayo.

Ukutholakala kwendawo yokupaka evikelekile ephezu kophahla kwa-SuperSpar engumakhelwane kusebenze kahle ngenyanga edlule futhi kulindeleke ukuthi lesi sikhungo siphinde  siyisebenzise.

Ibhendi, ibophele uSandile Cele, uThuto Motsemme, uNick Pittman, uNtokozo Nsibande, uSbu Ncube, u-Andile Yenana, uHlubi Khwebulana  kanye naye uMcCoy Mrubata.