
UDr. Sibusiso Mkhize esesitudiyo AmaMbo esesikhiqize inqwaba yabaculi
AMAMBO Music Production yisitebele esikhombisa ukudlondlobala okukhulu ngemuva kokuba sesikhiqize inqwaba yabaculi abaqophe ngaphansi kwayo futhi becula izinhlobo ezahlukene zomculo ikakhulukazi owokholo.
Lesi sitebela esingagcini nje ngokuqopha umculo, kodwa esibuye sisize nasekuhleleni izintshumayelo ngokuziqopha, kwenzelwe abefundisi ama-CD ezintshumayelo zabo njengamanje sesivule amahhovisi ebhilidini iPloweright, kunombolo 317 emgwaqeni uMonty Naicker, kuPlowright Lane, eThekwini. Okuphawulekayo ngomsebenzi walesi sitebela akugcinwa nje ngokuqoshwa kwabaculi bakulesi sifundazwe, kodwa sisabalele eNingizimu Afrika kanye nasemazweni angomakhelwane. Phakathi kwemisebenzi esanda kwenziwa kubalwa okaThabo Mahlaba, uThokozani Sithole, bobabili abashaya umculo wokholo nabashisa izikhotha eGoli, kube Bishop Gcina Masuku waseSwazini kanye noPastor Sphiwe Mthethwa weqembu Ukulunga kwamaKristu kanye nabanye abaningi.
Okuhle ngalesi sitebela ukuthi sisebenza ngokukhulu ukubambisana namakilayenti aso. “Uma sibona ukuthi kukhona lapho odinga khona ukuqeqesheka siyaqinisekisa ukuthi siyakusiza uze uyenze ngendlela efanele into edingakala eStudio. Siyasebenzisana nezinye izitebele kanye nabanye onjiniyela, ngoba sikholelwa ekutheni emsebenzini kuyabanjiswana,”kusho abaphathi besitebele. Muva nje lesi sitebela sisanda kudedela ulolozolo lwe-video yeSibusiso sabaNgcwele okulindeleke ukuthi kungekudala itholakale njengoba siphezu komsebenzi ka-Dr Sbusiso Sabangcwele ezokhipha i-Albhamu ethi: “Letha Ukudla Ngidle” kodwa umbiko ogcwele ngayo uzotholakala oshicilelweni olulandelayo nokuthi izobe ibophele ziphi izingoma. Kulesi situdiyo kuqoshwa umculo, kuthwetshulwe izithombe, wenzelwe i-Cover Design, uphinde ugayelwe ama-CD.Njengoba sibheke ePhasikeni kunesipesheli sokuqopha sika-R4000 sokuqopha i-albhamu yonke kenye neCover Design. Lesi sipesheli esibhikiswe kubaculi bomculo wokholo kanye namaZayoni. Ukuthola kabanzi ungashayela ku-0817312799 noma drsbusiso87mkhize@gmail. com. Batholakala kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-8 ekuseni kuyaku-5 ntambama bese kuthi ngeMigqibelo kuba u 8 ekuseni kuyaku 2 ntambama.






