Sithuthelwe Pinetown esokuhlolelwa amalayisense

0
111
UNgqongqoshe wezokuThutha kulesifundazwe, uNkk Peggy Nkonyeni ngesikhathi ehlola umonakalo eRossburgh

UNGQONGQOSHE wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi, uNkk Neliswa Peggy Nkonyeni, usememezele ukuthi uzothutha isikhungo iRossburgh Driver License Testing Centre (DLTC) siyiswe ePinetown ngemuva kokulimala kweDLTC ezikhukhuleni zakamuva.

NgoMsombuluko uNgqongqoshe uNkonyeni uvakashele  eRossburgh ukuyohlola umonakalo futhi wabikelwa ithimba labaphathi ngesimo lesi sikhungo esibhekene naso. Lesi sikhungo sicekeleke phansi ngenxa yezikhukhula zakamuva. Impahla ye-Information Technology ene-National Traffic Information System (eNaTiS) yonakele. Kuphinde kwalimala izimoto ezingaphansi koMnyango eziyisishiyagalolunye.

Lesi siteshi singesesithathu ngobukhulu kuleli futhi sisebenza izicelo ezingaphezu kuka-32 000 ngenyanga. Izinkonzo ezibucayi kakhulu ezihlinzekwayo zihlanganisa amalayisense okufunda, amalayisense okushayela, ukuvuselelwa kwamalayisensi kanye Nemvume Yokushayela Ochwepheshe (PRDP). Ngemuva kokwenza ucwaningo uNgqongqoshe uNkonyeni, umemezele ukuthi izinsiza zizothuthelwa okwesikhashana ePinetown DLTC. “Lesi yisiteshi esikhulu kunazo zonke esifundazweni yingakho sithathe isinqumo sokubeka eqhulwini ukubhekana nezinselelo zaso.

Izikhukhula zakamuva zicekele phansi izindawo eziningi zokusebenza ezibalulekile kulesi sikhungo futhi sisazohlala sivaliwe. Sivumelene ngokuthi iPinetown izosetshenziswa ekukhipheni amalayisensi. Ukubhukha osekwenziwe eRossburgh kuzoqhubeka ePinetown ngezimpelasonto. Siyaxolisa kakhulu ngokuphazamiseka okudalwe kwabasifake izicelo, kodwa sifisa ukubaqinisekisa ukuthi senza konke okusemandleni ukubuyisela izinsiza,” kusho uNkonyeni. I-Road Traffic Management Corporation (RTMC) izosiza umnyango ekusunguleni ulayini we-ENATIS ePinetown ngesikhathi kuhlolwa umonakalo. UMnyango wezokuThutha uxoxisana noMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi ekuthengeni izindawo zokuhlala zesikhashana zamahhovisi ukuqinisekisa ukuthi ukuhlinzekwa kwezidingongqangi akuphazamiseki. UNkonyeni uthe isigaba samalayisensi sibaluleke kakhulu njengoba izwe lijaha ukuphuthumisa usizo njengoba sisemuva ngemuva kwe-COVID-19 kanye nokwelulwa kukaNgqongqoshe wezokuThutha.