Selifikile ithuba lakho lokukhulisa ibhizinisi

0
44
Abanye abasemkhakheni wezohwebo ngezindlela ezahlukene bethola ulwazi ngalolu hlelo oselusize osomabhizinisi abaningi

KUNGENZEKA ukuthi uneveni ofisa ukulisebenzisa ngokuthi usebenzisane nosomabhizinisi abadinga ukudilivelwa noma ungusomabhizinisi odinga amaloli azoba wusizo kuwe uma ude impahla.

ILoxionD ingumxazululi wakho, njengoba iphume umkhankaso wokusiza ezimweni ezifuze lezi esezibaliwe. Isebenza ngohlelo lwe-app oluxhumanisa usomabhizinisi nezinkampani athenga kuzo imikhiqizo yohlobo lwebhizinisi oluqondene naye ngasohlangothini lokudiliva. Ngokusebenzisa lolu hlelo lwalenkampani lokuxhumana kuningi osizakala kukho noma ngabe unahlobo luni lwebhizinisi noma nje umcimbi othile. Okuhle ngale-app ibuye isebenze nangohlelo lokusiza osomabhizinisi abancane abahweba ngezithelo amaveji nama-fruit, nabo badayise ngesamba, futhi bayawuhlola lowomkhiqizo ukuthi ufanele yini ukuthi udayiselwe abantu. Abavele sithathe noma yini.

I-App yabo ibuye isebenze nangohlelo lokusiza ukuthutha ifenisha njengokuthi nje usuthuthela kwenye indawo. Bayazirejista nakhona izimoto, kube wuhlelo lokucwalwa kwezinwele. “Kukhona abantu abangenaso isikhathi sokuhlala lapho kucwalwa khona izinwele nokunye kodwa bayathanda inkinga abanaso isikhathi sokuya lapho noma emadolobheni. I-App yethu iyaba rejista osomabhizinisi bama-saloon. Uma amakilayenti efuna ukwenziwa izinwele siyakwazi ukuthi sibathathe bayokwenza lelo kilayenti labo, balicwale baqede bese siyababuyisela lapho beyakhona.

Ikilayenti ayiphumi uwena ophumayo ngoba kungenzeka ukuthi ikhasimende lakho linezingane manje alazi ukuthi lizokwenzenjani ngoba lihleli nezingane. Umkhankaso wabo uthi, bacela abantu barejiste izimoto zabo, bakhona abanye asebezirejistile kodwa sidinga zithi ukukhula kancane ukuze sifinyelele kuzo zonke izindawo. “Sifisa ukuthi abantu babhalise izimoto zabo, ukuthola imininingwane eminingi nohlelo lokubhalisa ku-www.loxiond.co.za, kurejista abantu abanezimoto, abanamaveni (NP200), amaloli (hundai H1, kuze kuyofinyelela kwamaloli amakhulu. Kumanje kunezitolo ezidayisa impahla yokwakha ezifuna ukusebenzisana nathi,”basho kanje.

Sicela abantu abanezitolo zotshwala ezisemthethweni futhi ezinkulu emalokishini, onesitolo esidayisa umkhiqizo wama-veji abazorejista. Babe agama-vendors ethu sazi ukuthi sidayiselana sodwa kungaze kuphume umuntu elokishini ayothenga emadolobheni azi ukuthi lokhu akudingayo kuyatholakala nalapho esuka khona. Silwa nalokho-ke. Sicela nalabo abenza izinwele nabo bazorejista. Kunemigomo nemibandela okufanele siyilandele uma uzobhalisa. Asithathi noma bani siyakuhlola ukuthi ibhizinisi lakho lisemthethweni yini asithathi noma bani,”kugcizelela bona. Lenkampani inohlelo lokuqasha labo abafisa ukusebenza ngokuzimela besebenzela inkampani abazoba ngama-director sales managers. Noma umuntu efuna ukuba phushela umkhankaso wokubatholela amakilayenti kuvumelekile nalapho. Banamahhovisi emgwaqeni u-Esther Roberts, eGlenwood, eThekwini. Bayatholakala ku- 068 4993945, 031-0230423, email ithi, customercare@loxiond.co.za