
Esithombeni usomabhizinisi osathuthuka uMnuz Sizwe Thusi uzimisele ngokuthuthuka.
USOMABHIZINISI omncane wasesigcemeni sakwa-M eMlazi, usebenzise ulwazi aluthole etohweni ukuziqalela elakhe ibhizinisi, uthi ufisa ukuba isibonelo nakwabanye abantu abasha ukuba bengavumeli izimo ababhekana nazo empilweni ukuthi ziphazamise indlela yabo eya empumelelweni.
UMnuz Sizwe Thusi onebhizinisi lokupheka Ufuzo Lwabazali Catering Services, uthi akukho okwehlula ukuzinikela ngakho konke onakho uma unesifiso sokuphumelela. Uthe ukuqala kwakhe leli bhizinisi ukubona njengesibusiso ngoba ukhule enothando lokupheka. “Abaningi bayawangabaza amandla ami ngoba ngiyindoda, abanye besaba ngisho nokungiqasha ngoba ngibukeka ngingumuntu ongazi lutho ngokupheka. Kukhona nabasakholelwa ekutheni ukupheka umsebenzi wabantu besifazane. Konke lokhu kuyashintsha uma sebenambithe ukudla engikuphekile,” kusho uThusi.
Uthe ngenxa yokuzimisela kwakhe nokuhlonipha zonke izifiso zamakhasimende, abantu sebeyaqala ukulamukela ibhizinisi lakhe. UThusi waqala leli bhizinisi ngo-Ogasti ngo-2019. Uthe wakhetha ukuyiqamba ngokuthi Ufuzo Lwabazali ngoba konke akwaziyo wakufunda kumama wakhe. Uthe uzimisele ngokuvulela abantu abasha amathuba emisebenzi, ayifundise ukuthi uma umuntu esanezandla nengqondo kuningi angakwenza ukuze uzokwazi ukuziphilisa njengoba iseyindlala imisebenzi. Uthe akumele izinikele kwizidakamizwa uma impilo isiqala ukuba nzima.
“Kumele wenze konke okusemandleni ukuze uzofinyelela emaphupheni wakho, akukhethi ukuthi okwenzayo kukhulu noma kuncane kangakanani. Ngiyafisa nokuvula isikole sokupheka ukuze intsha yesilisa izobona ukuthi maningi kangakanani amathuba kulo mkhakha,” kuqhuba uThusi. Uthe ukholwa ukuthi ukuphumelela kwakhe kuyoba yize leze uma engakaze ashintshe izimpilo zabantu abasha emphakathini. Uthe bonke abasanethuba lokuya esikoleni kumele belibambe ngezandla zombili ngoba kunzima kakhulu uma ungenaso isicucu sakwimfundo ephakeme.
UThusi ukhulele khona eMlazi, waphothula imfundo yasemazingeni aphezulu KwaMathanda High ngaphambi kokuyobheka amatoho. Uthe ukukhulela kuleli lokishi kumtshengise ukuthi okuningi kuyafezeka uma uzimisela, impilo iba nzima kakhulu uma usheshe ulahla ithemba ungakaze uzame. “Ngifisa ukubonga kakhulu kubo bonke abangisekile kusukela ekuqaleni kuze kube imanje, ikakhulukazi labo abangipha umsebenzi. Ngiyathembisa ukuthi bonke abanesifiso sokungiqasha ngeke bezisole ngoba umsebenzi wami useqophelweni eliphezulu,” kusho uThusi.






