
Intaka ibekelwe amazolo ngempelasonto ezayo kuNedbank Cup Last 32. IChiefs izodudulana neTS Galaxy
KULINDELEKE ukuthi ngempelasonto ezayo kube ngongaphansi nongaphezulu kuLast 32 yomqhudelwano weNedbank Cup ezinkundleni ezahlukene okungenzeka kubonakale ofishi abancane begwinya abakhulu.
Amanye amaqembu azobe elwela ukuziphindiselela, amanye azobe elwela ukuqhubeka lapho ayegcine khona kulomqhudelwano ngesizini edlule. Omunye wemidlalo othathwa njengowamagqubu ngozokuba phakathi kweKaizer Chiefs ezozama ukuziphindiselela kuTS Galaxy ngemuva kokuqhathwa kwalamaqembu ku-Last 32. Umqhudelwano wale sizini uzoqala ngoMgibelo, 5 Febhuwari kanti uzophinde uhlanganise namaqembu asuka ku-ABC Motsepe League ngemuva kokuthi amaqembu adlala esigabeni sesithathu akhishwe ngonyaka odlule ngenxa yemikhawulo yeCovid-19.Ompetha abaphethe isicoco iMarumo Gallants (abawine njenge-TTM ngesizini edlule) baqhathwe neSantos FC, kanti izinkunzi zaseSoweto iChiefs izoba nethuba lokuziphindiselela ngokuhlulwa kowamanqamu ka-2019 kuTS Galaxy. Ngakolunye uhlangothi ompetha beDStv Premiership iMamelodi Sundowns bazobhekana neRichards Bay, i-Orlando Pirates izobhekana naMaZulu emdlalweni okungangabazeki ukuthi uzofaniswa nefayineli. Umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, ubalule indawo “ebuthaka” kuyo iKaizer Chiefs ngaphambi komdlalo abazowudlala naleli qembu ngempelasonto ezayo.
Ekhuluma ngaphambi komdlalo, umqeqeshi wamaRockets, uSead Ramovic, ulincomile izinga labadlali nomqeqeshi weChiefs, uStuart Baxter, kodwa wagqamisa ukungabikhona kwabalandeli baMakhosi odumo enkundleni njengesinye sezizathu ezingenza ahlulwe. “IKaizer Chiefs iyiqembu elinezinga elihle ngendlela emangalisayo nomqeqeshi ovelele,” kusho uRamovic etshela isizindalwazi seqembu ngoLwesine olwedlule, lapho ethe umgogodla weqembu muhle kakhulu (futhi) banabo abanye abadlali abayingozi eqenjini. “Bayiqembu elinzima ngempela okungafanele ulithathe kancane uma uzodlala nalo. Ubuthakathaka babo ukuthi abalandeli okuyibona abafaka umdlandla kubadlali ababonwa enkundleni,”usho kanje. Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, yena umile kwelokuthi iqembu lakhe ngeke balithathe kancane iqembu abazodlala nalo iNedbank Cup, iRichards Bay FC.EzikaMngqithi zizobe zizimisele ngokugwema ukuphazamiseka kwendebe futhi ziqhubeke nefomu yazo encomekayo kule sizini. “Ngicabanga ukuthi sizodlala neqembu elise-Richards Bay,” kusho uMngqithi. “Benze kahle kakhulu kule sizini kuligi, baphezulu. Nabo bangama-giant-killer abenze kahle kakhulu phambilini emiqhudelwaneni yezindebe bebhekene namaqembu amakhulu. Kubaluleke kakhulu kithina ukuthi sinikeze lo mdlalo inhlonipho oyidingayo futhi sisebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi iqembu liwulungele,”kusho uMngqithi.






