
AMAPHOYISA esiFunda sase Thekwini ngokubambisana nombutho wezokuvikela iSouth African National Defense Force (SANDF) kanye namaphoyisa kaMasipala bazibophezele ekutheni bakhuculule yonke impahla yokwebiwa egcwele emphakathini.
OyiBamba likaNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uNks Khumbudzo Ntshavheni, uthe yonke impahla ezoshaqwa kubantu izocekelwa phansi, ngeke ibuyiselwe ezitolo. Uveze ukuthi inhloso ukuvikela umnotho wakuleli. Amaphoyisa anxusa abatape izimpahla ezitolo ezahlukene ukuba babenozwelo bazibuyise ukuze bangahlangabezani nezimbila zithutha. UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uMnuz Bheki Cele uthe baningi abantu abasazoboshwa abazotholakala nempahla yokwebiwa. Uthembisa osomabhizinisi ukuthi umthetho uzoyithatha indawo yawo, njengoba lesi simo sibashaye kakhulu. Kuthiwa babalelwa ku-1 750 abantu asebekhalelwe abasongo kasigonyela ngamacala okutholakala nempahla yokwebiwa. Kanti abanye baboshelwe amacala ahlukene kusukela kube kuqale izibhelu.
Babalelwa ku-1122 obekulindeleke ukuthi bavele ezinkantolo ezahlukene ngokucekela phansi impahla KwaZulu-Natal kanye naseGauteng okuyizona zifundazwe ezikhahlamezeke kakhulu ngenxa yaloludlame. Ngesikhathi sokushicilela KwaZulu-Natal bese kuboshwe abasolwa abangu-402 ngokutholakala nempahla eyebiwe. Amalungu omphakathi kuthiwa kufanele aqhubeke nokubika ubugebengu emaphoyiseni, okungenziwa ngokungaziwa ngokushayela inombolo ye-Crime Stop 08600 10111 noma ngohlelo lokusebenza lwe-MySAPS olungalandwa kunoma iyiphi i-smartphone. Phakathi kwezimpahla ezintshontshiwe kubalwa ama-laptop, amafriji, imisakazo, igilosa, ama-computer, izicabha, ama-frame, izingubo zokugqoka nokunye okuningi.






