
UKUTHELEKA kwabaholi bamaqembu kwezinye zezingxenye zeTheku ngezinsuku zokugcina zokukhuthaza abantu ukubhalisela ukhetho kuyizinkomba zokuthi ngemuva kokhetho ngoNovemba 1, oyiwina uzobe ezwile.
Ngaphandle kokuwina kunamaqembu kulawa aziwa ngokuthi ahlale ezidlela amahlanga okungenzeka akhale ngaphansi kuhle kwentshebe yaKwaMashu uma engakwazanga ukufeza lokho ayekwethembise umphakathi ngokhetho olwedlule. ITheku yilona elibukeka liyinyama kuwo wonke amaqembu ezombusazwe ngenxa yokuceba kwengqalasizinda yawo futhi akungatshazwa ukuthi lifana nenhliziyo yesifundazwe yize ikomkhulu kuwuMgungundlovu. Lokhu kugqame ezitatimendeni ezikhishwe abaholi bamaqembu abebekhankasa ngalezi zinsuku. Abanye baqale ngokwethula izethembiso zabo zokunxenxa amavoti abazwakale bethembisa umphakathi wakuleli dolobha izulu nomhlaba uma bewavotela. Amanye awo azwakale egudla i-African National Congress (ANC) okuyiyona eshaya amaphiko kuMasipala weTheku njengenhlangano ebonakala ihluleka ukufeza izidingo zomphakathi.
Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uCIC Julius Malema ubonakale eyofaka umfutho kumalungu nasemphathini kwamanye ama-wadi aseThekwini, okubalwa u-wadi 49, esikhungweni sokuvota esikoleni eSwavale, ePhoenix, udlulele ku-wadi 40, esikoleni eNhlakanipho KwaMashu, waya esikoleni eNaleni ku-wadi 76, eMlazi wadlulela naku-wadi 74 ehostela eTehuis, ngaseLamontville. Phakathi kwamaqembu okubonakala ubuholi bawo buphithizela eThekwini kubalwa iNkatha Freedom Party (IFP), African Christian Democratic Party (ACDP), i-ANC, i-African Freedom Revolution (AFR), iDemocratic Alliance (DA), i-EFF, Abantu Batho Congress (ABC), bese kubakhona nababhalisele ukhetho ngokuzimela. Selokhu kwathi nhlo ngemuva kokhetho lwentando yeningi kwazoba nokhetho lohulumeni lokuqala ngaphansi kwalolu hlelo, iTheku alikaze lizwe amakha okuqhoqhobalwa ngelinye lamaqembu ezombusazwe ngaphandle kwe-ANC.






