Kushiyana iziqubulo ngezethembiso zokhetho

0
209

WONKE amaqembu epolitiki kubukeka edlisele kakhulu emikhakhasweni yawo ngeziqubulo zezethembiso ezigadla ngazo ezicace bha kwizingqwembe ezichonywe ezigxotsheni.

Phakathi kwezinhlangano ezichome amabhodi nezingqwembe ezigxotsheni njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya okulindeleke ukuba lube ngoMsombuluko, Novemba 1 kulonyaka, yiNkatha Freedom Party (IFP), African National Congress (ANC), Economic Freedom Fighters (EFF), African Freedom Revolution (AFR), African Transforming Movement (ATM), Democratic Alliance DA, Action South Africa, Abantu Batho Congress (ABC), African People’s Movement (APM), African People’s Convetion (APC), ukubala ambalwa.

Njengoba sekubalwa amasonto ukuthi kwehlukane inhloko nesixhanti kube nosuku lokhetho wonke amaqembu aphansi phezulu, namalungu awo afolose ngawo emawadini kubonakala kuphuma nelomhlathi enxenxa amavoti. Abantu abasalali behlayo yimiqhafazo ethunyelwa ngaso sonke isikhathi kunxenxwa amavoti ngamaqembu ezombusazwe. Uma uphumela ngaphandle emigwaqweni izigxobo zisindwa wuthotho lwezingqwembe zezinhlangano ezinezethembiso nobuso balabo abafolose ngabo. Kwezinye izindawo izinhlangano ezinini ziqale ngokwethula labo ezifololose ngabo esikhundleni sokuba yiMeya. Kulindeleke ukuthi kuqale ukubonakala kobuso kwamakhansela akusasa. Uma ubheka uhla lwamanye amaqembu ngamagama abantu abafolose ngabo kuyacaca ukuthi abubuningi ubuso obusha kwamanye ama-wadi njengeqembu le-Democratic Alliance lwalapha eThekwini. I-IFP, igadla ngesiqubulo esithi, “Sethembe, Sivotele, Sisebenzela Wena,”i-ANC ithi, “Ngokuhlanganyela Sakha Imiphakathi Engcono”;  i-EFF ithi, “Izindlu manje, imisebenzi Manje”i-Action SA ithi, “Asilungise Umonakalo eSouth Africa”, I-AFR ithi “Phansi ngamathenda, Phambili nokufukulwa kosomabhizinisi namathuba omsebenzi, Votela uHulumeni obuswa ngobuNkulunkulu” bese i-DA ithi, “I-DA Yenza Izinto Zenzeke”.