
UKULWISANA nobugebengu kuncike kakhulu ekubambisaneni namaphoyisa kanye namaCommunity Police Forum (CPF), kusemqoka nokuqinisekisa ukuthi zonke izigebengu zibikwa emaphoyiseni esikhundleni sokuthi umphakathi uzithathele umthetho ezandleni zawo.
Lokhu kuvezwe amaphoyisa akwaSAPS eMlazi, ngenkathi eqhuba umkhankaso wokunxenxa izakhamuzi ukuba zingahambeli kude nezinhlelo zamaphoyisa ezihlose ukugcina umphakathi uphephile kwizigilamkhuba esezihlalise abantu lubhojozi eMlazi. Amaphoyisa agcizelele ukuvikelwa kwamalungelo abantu, awezigebengu nawabahlonipha umthetho. Amaphoyisa enze lokhu ngenkathi ehambele eZimbuzini Herbal Market, ehambisana naboMnyango wokuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal kanye nabasebenzi beLife Line Durban. Akhumbuze umphakathi ukuthi wonke umuntu unamalungelo, akekho okumele kucindezelwe elakhe ngoba esolwa noba ebanjwe enza ubugebengu.
Umphakathi ukhunjuzwe nangomthelela wokuthenga impahla eyebiwe, wakhuthazwa ukuba ubike ngezigameko zokunukubezwa ngokocansi nezokudlwengulwa. Osonhlalakahle beLife Line Durban bachazele amadoda ngezindlela ezehlukene abanganukubezeka ngokocansi nokudlwengulwa kwabo, bakhuthazwa ukuba bengasabi ukuyobika emaphoyiseni.






