Kungqongqe izimoto zoMkhandlu KwaXimba

0
108
IMeya yeTheku, uKhansela Mxoli Kaunda, izwakalise okukhulu ukukhathazeka ngokushiswa kwezimoto zoMkhandlu eMvini, KwaXimba, umphakathi uthi ufuna ukukhuluma naye

UMPHAKATHI waKwaXimba,eMvini, ku-Ward 1, entshonalanga yeTheku uthukuthele wathungela ngomlilo iveni lamaphoyisa kaMasipala weTheku nemoto yophiko lwezaManzi nokuthuthwa kweNdle.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba lomphakathi uwothe ubomvu ngenkinga yamanzi, othi sekuwume emphinjeni ukunqamuka kwawo futhi wona awusazimisele ukuzwa lutho oluqhamuka komunye umuntu afuna ukukhuluma ngqo neMeya yeTheku noma nesikhulu esibhekele ezamanzi kuMasipala. Izimoto zomkhandlu ebezithunyelwe ukuzosebenza ezinye zumphakathi uzijikisile ngoba uthi wona ufuna ukukhuluma ngqo neMeya ngalenkinga, kujikijelwe namaphoyisa ngamatshe.NgoMsombuluko bekunzima ukungena nokuphuma kulendawo izintuba zivalwe ngezinguzunga zamatshe kangangokuthi kuze kwaphazamiseka nokufunda kwezingane.

Engxoxweni nabemithombo yezindaba ikhansela lewadi, uKhansela Bongumusa Mkhize, uthe uhlale exhumana nezinhlaka ezifanele ze-wadi ngezinkinga zomphakathi, uthe okwenzekile kuhlanganisa nokushiswa kwezimoto zomkhandlu ube ngakulindele futhi kumethusile. Kuvele ukuthi bekulindeleke ukuthi abe nomhlangano nomphakathi ukuxazulula lenzukazikeyi. Lomhlangana bekulindeleke ukuthi ube ngoLwesithathu kuleli sonto, ngo 12 emini. Kwenzeka lesi sehlakalo nje ngoMashi kulonyaka umphakathi uvimbezele abasebenzi bakaMasipala kangangokuthi baze bakhululwa ngamaphoyisa. Ukushiswa kwezimoto zoMkhandlu kwenzeke ngesikhathi abasebenzi bakaMasipala bophiko lwezaManzi nokuthuthwa kweNdle bezolungisa kulendawo.

IMeya yeTheku, uKaunda, usigxekile lesisehlakalo, wasifanisa nobulwane, wathi unxusa ukuba amaphoyisa asiphenye lesi sehlakalo, futhi bafisa ukuthi bangashiyi lutho, kube khona abathola isijezo esibafanele.Unxuse umphakathi ukuthi wehlukane nomkhuba wokusebenzisa udlame uma kunezinto ongagcilisekile ngazo ngokulethwa kwezidingo. “Bekungesikho okokuqala ukuthola izehlakalo ezenjengalezi, futhi lokhu kuyaxaka. Kungawaletha kanjani amanzi ukucekela izimoto zikaMasipala? Okuxaka kakhulu abasebenzi bethu bebesendaweni besebenza kanzima bezama ukuxazulula inkinga,”kusho uKaunda. “Umphakathi, kufanele ukubuyekeze ukusebenzisa izindlela eziphambene nomthetho. Ukulungisa lezi zimoto kuzodla ezinkulu izimali, wona lomphakathi uzobuye ubhekane nobunzima. Udlame alukaze lube yisisombululo. Njengesimo esiphuthumayo senze isiqiniseko sokuthi kube namaloli azoletha amanzi emphakathini. Kuphela esikudingayo ukuthi umphakathi ubekezele njengoba sizama ngakho konke okusemandleni ukubuyisela isimo,”kusho iMeya uKaunda.